Kube usuku oluyingqophamlando kwisikhungo sobuholi bomdabu esifundazweni sakwaZulu Natal njengoba UNgqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu umhlonishwa uBongiwe Sithole-Moloi edlulisele amaLaptop kanye namakhadi eDatha e-3G koNobhala beMikhandlu yamakhosi, emcimbini obusingathwe ngaphansi komasipala waseAlfred Duma, eMnambithi.
Lokhu kuyingxenye yemizamo kaNgqongqoshe yokuqinisa nokweseka izinhlaka zobuholi bomdabu kulesiFundazweni.
Nokwenza kube Lula ukusebenza konobhala bemikhandlu yamakhosi nokunciphisa amaphepha amaningi uma bebhala amacala nokunye okubalulekile okuthinta imikhandlu.
Usihlalo wendlu yamakhosi oThukela ophinde abe yiphini lika sihlalo wandlu yobukhosi esifundazweni inkosi uNqayizivele Sithole uthe lokhu kusho ukukhulu nokuhlonipheka kwamahhovisi nezinkantolo zamakhosi uma onobhala sebezokwazi ukuthi babe nezinsiza kusebenza ezisezingeni eliphezulu.
Wabongele bonke onobhala bamakhosi ngakuthola lemihlomulo.
Ngesikhathi esenikezela ngezinsizakusebenza, uNgqongqoshe uSithole-Moloi udlulise ukubonga koNobhala beMikhandlu yemakhosi ngeqhaza labo elibalulekile emsebenzini wezizwe kanye nokuqinisekisa ukuthi imiphakathi yethu ihlinzekelwa ngosizo olufanele.