Ukhale ngokungabi namali umgadli weTS Galaxy inkantolo imyalela ukuthi akhokhe imali engango R3000 yebheyili. UThamsanqa Gabuza obhekene necala lokucekela phansi impahla uboshwe ngoLwesibili emva kokuzinikela emaphoyiseni aseBramely eGoli. Lomgadli oke wagijima kwi-Orlando…
IBAFANA ILAHLE ITHUBA LOKUNETHEZEKA ESICONGWENI KWEYOKUHLUNGELA EYOMHLABA.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Bross usole inhlangano eyengamele ibhola ezwenikazi i-Africa iConfederation Of African Football(CAF) ngokudliwa kwezakhe izolo ezweni laseRuanda. IBafana ishaywe ngamagoli amabili eqandeni ibhaxatshulwa yiqembu laseRuanda emdlalweni wokuhlungela imidlalo yendebe…
BAFUNA INCAZELO NGAMA-LAP TOP AMATHATHU ABIZE R190 000 KWAMASPALA
Inhlangano yomphakathi iSouth African National Civic Organisation (SANCO) ithi ngeke ize ithule kuze kube uMaspala wesifunda UMzinyathi uyachaza ngemali engango R190 000 esetshenziselwe ukuthenga amaComputer amathathu nje kuphela. Lezi zindaba zalamaComputer zavela…
SEKUZOMBA EQOLO UKUTHENGA INKUKHU KULELI
Inyama yenkukhu iyona nyama edliwa kakhulu ngabantu bakuleli kanti futhi yiyo abebeyibona njengengambi eqolo uma iqhathaniswa nalezi ezinye. Kubukeka engathi azophenduka amatafula njengoba kulindeleke inyuke intengo yenkukhu kulamaholidi. Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule kwamenyezelwa…
UZOLIVIKA NGESAMBA SE-BLACK LABLE IJELE ULORCH
Kubikwa ukuthi selithethiwe emajajini amakhulu icala lika Thembinkosi Lorch ongumgadli we-Orlando Pirates, kwaphuma isiqumo esingujuqu mayelane necala lakhe abekade ebhekene nalo lokuhlukumeza umuntu wesifazane ayezwana naye ogama lakhe nguFundiswa Nokuphiwa Mathithibala. uLorch…
UBILISWE NGAMANZI OBEZAMA UKUDLWENGULA EDUKUZA
Umphakathi wasedukuza eBergville uthi abokufika ababuyele amazweni abo ngoba bayahluleka ukuhlala nemiphakathi futhi bayaganga kulelizwe. Ilunga lomphakathi lithi ngosuku lwangeSonto ntambama owesilisa wokudabuka eLesotho ugile umkhuba lapho engenekhona emzini ohlala izingane zodwa,…
BAZOPHENYWA ABATHENGISA INYAMA EMARENKE
uKhomishana wamaphoyisa kwaZuluiNatal uJenene Nhlanhla Mkhwanazi uthi amaphoyisa akulesi sifundazwe azophuma umkhankaso wokuphenyisisa bonke abadiyisa inyama emaRenke amatekisi kanye nasemgaqweni. UMkhwanazi uthi loku bazokwenza ngenxa yokuthi kuyavela ukuthi iningi lezinkomo ezebiwayo alisafuywa…
UZOPHINDE AVELE KULELIVIKI ENKANTOLO OWESIMAME OBULALE ABANTWANA BAKHE NGENXA YOMSHUWALENSE
Uzophinde avele enkantolo ngolweSihlanu kulo leliviki owesifazane wasesifundazweni saseNorth West endaweni yaseMabatho osolakala ecaleni lokubulala amalungu omndeni wakhe amahlanu okubalwa kuwo nabantwana bakhe abazalayo kanye nomyeni efuna ukuthola imali yomshuwalense. u-Agnes Segomotsi…
KUBUYE ITHEMBA IBAFANA BAFANA INQOBA KOWOKUHLUNGELA EYOMHLABA
Kubancinze kamnandi abalandeli bebhola bakuleli iqembu lesizwe lebhola lezinyawo kuleli iBafana Bafana inqoba emdlalweni obalulekile. IBafana Bafana ibhaxabule iqembi lesizwe laseBenin ngamagoli amabili kwelilodwa eMoses Mabhida izolo. Lomdlalo obekungowokuqala waleliqembu wokuhlungela eyendebe…
UCHAPHE NGENHLAMBA UMCULI WEGOSPEL EMEHLULA KUMA-SAMA UKELLY KHUMALO
“Nonke Fuse***” “NoNtokozo naye uyazi, numbers dont lie. asimesabi! Fuseg*** SAMAS” lezi ngezinye zezinhlamba ebezikhishwa ngamakhala ngumculi we-Afropop uKelly khumalo enkundleni yokuxhumana i”X” ebiyaziwa ngokuthi uTwitter phambilini. Uchapha ngenhlamba nje umtakaKhumalo, yingoba…
UBANJWE OQOTSHENI ONTSHONTSHA AMAFONI KWAJACKSON LIFESYLE
Izithole isobishini insizwa ebanjwe oqotsheni intshontsha amafoni abantu endaweni yokuzijuxuza eyaziwa ngokuthi yikwaJackson Lifestyle esedolobheni eMnambithi. Lensizwa ebukeka isencane, kusabalale isithombe sayo ezinkundleni zokuxhumana namuhla ekuseni iibanjiswe ibhodi elibhalwe ukuthi,”Mina ngiyantshontsha bangibambile.”…
UZOHOLA UMKHANKASO WOKHETHO UMELULEKI KAMENGAMELI WEZWE
Ihhovisi likaNobhala uMnuz Bheki Mtolo weAfrican National Congress (ANC) KwaZulu-Natal libhalele unobhala wesifunda INkosi Bhambatha Region uMnuz Lucky Khumalo limazisa ngokuthi ubani ozohola umkhankaso wakhetho oluzayo lika hulumeni kazwe lonke kanye noluka…