Inhlangano yomphakathi iSouth African National Civic Organisation (SANCO) ithi ngeke ize ithule kuze kube uMaspala wesifunda UMzinyathi uyachaza ngemali engango R190 000 esetshenziselwe ukuthenga amaComputer amathathu nje kuphela.
Lezi zindaba zalamaComputer zavela emva kombiko owakhishwa umcwaningi mabhuku emva kophenyo alwenza ngendlela lomaspala ophethe ngayo ezezimali. Umbiko waveza ukuthi kunemali engafinyelela ku 2 Billion eyanyamalala namanje okungaziwa ukuthi yashonaphi.
Unobhala weSANCO esiyingini esaziwa ngokuthi yiGeneral Lembert Moloi uMnumzane Joe Sikhakhane uthi kufanele uMaspala uchaze ngalemali,”sesikhathele ukuthi sithule sibuke kudliwa izimali zomphakathi sibe sikhona, sesiside kakhulu loMaspala usolwa ngenkohlakalo kodwa kudlule kuthuleke nje. Sikhuluma nje lapha eNquthu, kunegenerator eyathengwa ngesizumbulu semali eyasimangaza sonke, kodwa akukaze kuchazwe ngayo namanje.” Kusho uSikhakhane.