Inyama yenkukhu iyona nyama edliwa kakhulu ngabantu bakuleli kanti futhi yiyo abebeyibona njengengambi eqolo uma iqhathaniswa nalezi ezinye. Kubukeka engathi azophenduka amatafula njengoba kulindeleke inyuke intengo yenkukhu kulamaholidi.
Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule kwamenyezelwa ukuthi elakuleli likhungethwe umkhuhlane wezinkukhu obizwa nge Avian flu, okwadala kumiswe ukukhiqiza nokudayiswa kwamaqanda kanye nezinkukhu kweziningi izinkampani zakuleli. Lokhu kubheduka kwalesi sifo kwaphoqa ukuthi uhulumeni azame imizamo yokulanda lemikhiqizo kwamanye amazwe okwabe sekudala ukwenyuka kakhulu kwamaqanda ezimakethe zethu.
Kuningike okubi okwenzekile ngemuva kokubheduka kwalomkhuhlane, njengoba kukhona amazwe afana no Namibia kanye ne Mozambique amisa ukuhweba izinkukhu ezivela kulelizwe kanti nezinkampani ezinkulu kulomkhakha ezifana nabo Astral zithi zigqemeke engeqiwa ntwala ngalomkhuhlane.
Kulindeleke ukuba inyama yenkukhu yenyuke ngo R2 kwi khilo ngalinye kanti amaqanda wona kubikwa ukuthi kungenzeka aqale ukwehla ukuqala konyaka ozayo.