Kubancinze kamnandi abalandeli bebhola bakuleli iqembu lesizwe lebhola lezinyawo kuleli iBafana Bafana inqoba emdlalweni obalulekile.
IBafana Bafana ibhaxabule iqembi lesizwe laseBenin ngamagoli amabili kwelilodwa eMoses Mabhida izolo. Lomdlalo obekungowokuqala waleliqembu wokuhlungela eyendebe yomhlaba ezoba ngowezi 2026 eCanada, eUSA kanye naseMexico, ubuyise ithemba lokuthi kungenzeka elakuleli liphinde liphumelele ukungenela ukudlala lemidlalo. Phela elakuleli lagcina eminyakeni engamashumi amabili edlule ukuphumelela ukuyodlala kweyendebe yomhlaba.
Uhugo Bross ongumqeqeshi waleli qembu uqale umdlalo ngabadlali abayisithupha beMamelodi Sundowns nokuyinto engejwayelekile ukwenzeka kuleli ukuthi abadlali beqembu elilodwa abaningi baqaliswe umdlalo. Kodwa lesi senzo sika Bross sisheshe sakhombisa ukuthela izithelo ngesikhathi ngomzuzu wesibili nje, iBafana ivalele phakathi igoli lokuqala ngonyawo luka Percy Tau.
Okuqaphelekile ngaleli goli ukuthi iBafana Bafana ize yalishaya phakathi iBenin ingakalithinti nakanye ibhola. Ibhola elihle elihlanganisa umjiko oya phambili kanye nokuvela ezikhaleni kwabadlali abafana noThemba Zwane, Siphephelo Sithole kanye naye umshayi wegoli uTau, kwenze iqembu leBenin lajaha izithunzi isiwombe sokuqala sonke.
Esikhathini esengeziwe esiwombeni sokuqala, ibuyile futhi iNiingizimu Africa negoli lesibili elivalelwe phakathi nguKhuliso Mudau emva kokushoshela phambili esandleni sokudla. Ziye ekhefini elakuleli lihamba phambili ngamabili eqandeni.
Ngesiwombe sesibili ibuye ngamandla iBenin yakwazi ukuthola elokubika ekhaya ngomzuzu ka 70 elivalelwe phakathi ngumgadli wabo ohamba phambili uSteve Mounie.
Ukunqoba kweBafana Bafana kuyithathe kwayibeka phezulu esicongweni sika Group C. Kuleli qoqo iNingizimu Africa iqhathwe neNigeria, iRuanda, iLesotho, iZimbabwe kanye nayo iBenin. Wonke lawa amanye amaqembu adlale ngokulingana okwenza iNingizimu Africa yona iqhwakele phezulu ngamaphuzu amathathu.
Umdlalo olandelayo weNingizimu Africa izowudlala ekuhambeni kuleliviki elethwasayo neRuanda.