Uzophinde avele enkantolo ngolweSihlanu kulo leliviki owesifazane wasesifundazweni saseNorth West endaweni yaseMabatho osolakala ecaleni lokubulala amalungu omndeni wakhe amahlanu okubalwa kuwo nabantwana bakhe abazalayo kanye nomyeni efuna ukuthola imali yomshuwalense.
u-Agnes Segomotsi oneminyaka engu 49 waboshwa ngolwesine olwedlule ngamaphoyisa kahulumeni i-SAPS ngalezi zinsolo. u-Agnes usolwa ngokubulala umyeni wakhe owayeyiphoyisa, izingane zakhe ezintathu kanye nomzala wakhe. Amaphoyisa asola ukuthi kungenzeka kube nezinye izisulu ezingakaqinisekiswa.
Lona wesifazane kuthiwa usekwaze ukuthola izindodla zemali ezinkampanini zomshuwalense ezehlukene esebenzisa yona lendlela. Umseshi uKheshi Mabunda obelandela loludaba kwaze kwaba uyambopha umsolwa, uthi kubathathe isikhashana ukuqoqa ubufakazi obenele ukuze bakwazi ukubopha umsolwa.
uMabunda owaduma kakhulu kwelinye icala elicishe lifane ncimishi nalo leli elalithinta omunye wesifazane URosemary Ndlovu owayeyiphoyisa naye owabanjwa esewuqedile umndeni ewubulala, uthi izinkampani zemishwalense kumele ziqaphele ngoba lezi zigameko ziyanda.
u-Agnes uvelile enkantolo ngolweSihlanu olwedlule kodwa icala lahlehliselwa umhlaka 24 kuyo lenyanga enkantolo kamantshi eMabatho.