Umphakathi wasedukuza eBergville uthi abokufika ababuyele amazweni abo ngoba bayahluleka ukuhlala nemiphakathi futhi bayaganga kulelizwe.
Ilunga lomphakathi lithi ngosuku lwangeSonto ntambama owesilisa wokudabuka eLesotho ugile umkhuba lapho engenekhona emzini ohlala izingane zodwa, futhi engasaqali wafika wazama ukudlwengula intombazanyana eneminyaka engaphansi kwamashumi amabili iminyaka.
Bathi lesigilamkhuba siphule iwindi sifuna ukungena siphethe nocelamba abesabisa ngawo lentombazanyana.
Leli lunga lamphakathi lithi bekunekwe izingubo zokugqoka ocingweni lapho lendoda izithula khona yazivuvuzela ngophethiloli yazithungela ngomlilo maqede yaziphosa ngaphakathi endlini.
Kanti ngapha endlini intombazane yona isibilise amanzi ngeketela, uthe evela lomlisa intombazane yawashaya agcwala ubuso amanzi abilayo kolomlisa wabhongisa okwe nkomo.
“Ilapho ke intombazane ikwaze khona ukuphulukundlela iphume imemeze icele usizo kodwa indlu ishe yangqongqa” kusho leli lunga lomphakathi.
Ikhansela lendawo uPhilane Zwane obethukuthele ethelwa ngamanzi uthi ubungebengu balabantu baseLesothu buxakile ngoba bayadlwengula, futhi bayeba ikakhulu imfuya abayibheki bese beyokweqa nayo umncele.
Uphinde wabonga kakhulu umphakathi wakhe kanye namaphoyisa angomakhelwane abengasebenzi ngokubamba lomlisa amuhambisa esteshini samaphoyisa edolobheni eBergville nokuyilapho aboshelwa khona.
uZwane ucele umphakathi wase Bergville uyeke ukuqasha labantu ukuthi beluse imfuyo ngoba bayeba. Uphinde wanxusa ukuthi umphakathi kanjalo namaphoyisa wakhe izithangami zokulwisana nobugebengu.