Ukhathazekile umndeni womfundi wesikole samabanga aphansi iMasumpa Primary School eBergville njengoba uthi umtwana wawo akasafuni nakuyizwa eyokuya esikoleni ngemuva kwesigameko esamehlakalela ekupheleni kukaMfumfu (October).
UMkhulu walomtwana(esiligodlile igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe) owenza u grade 2 kulesi sikole uthi wacela ukuya endlini yangasese kuthisha wakhe wanqaba. Nokwagcina ngokuthi umfundi lona azimoshele ehleli esihlalweni.
UMkhulu uqhube wathi usezame kaningi ukuba isigungu esiphezulu sesikole singenelele kuloludaba kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
Nemizamo kamkhulu yokuthi umntwana athole ukwelulekwa ngokomqondo ibukeka ifadalala ngenxa yokushoda kwemali.
Lomfundi kuthiwa emnva kwesigameko akaphindanga wafuna ukuya eskoleni sekuze kusize ukuba bamphoqe.
Imizamo yephephandaba ukuthola uThisha nhloko nothisha osolwa ngalesenzo kayiphumelelanga, kanti umnyango wezemfundo kulesi sifundazwe uthi usazophenya ngaloludaba.