Bakhathezekile abagibeli bamatekisi asuka eMnambithi eya egoli. Labagibeli bathi indlela abashayeli abaziphatha ngayo abayithandi balitshwalwa u TikTok, noYoutube benze nama video beshayela Benjalo bayagijima. Njengoba kuza amaholidi okuphela konyaka bathi bayacela ukuthi behlise isivinini baphinde bayeke ukudlala ngama phone beshayela ukuze beshayele ngokuphepha.
Umgibeli okhathazekile uye wazwakalisa ukungajabuli kwakhe enkundleni yezokugxumana u Facebook.
Okhulumela inhlangano yamatekisi iSizweTaxi Association uMnumzane Mabizela Thwala uthi inhlangano iSizwe taxi association ayihambisani nje nokuhlukumezeka kwabangibeli ngoba abagibeli ibona belungu babo abakhulu ngakho umanje kukhona umshayeli owenza okungalungile bacela abagibeli bathathe inombolo yemoto leyo bese bezosho ehhovisi lenhlangano ukuze loyomshayeli azoqondiswa khona ukugwegwa.
Kanti ezinkundleni zokuxhumana u Facebook abashayeli nabagibi bajikijelana ngamazwi ngaloludaba. Njengoba nabo abashayeli bengalivumi iphutha labo kodwa baklolodela abangibeli babasabisa ngokuthi uma bengahambisani nabakwenzayo abadilike ezimotweni abazishayelayo.
Beziphendulela embhalweni womgibeli okusolakala ukuthi ngabashayeli bamatekisi baye babhala kanje uMelzi K Nkabinde uthe “mxm niyasilawula manje mawunenkinga Misa imoto udilike”. UThalente ka Thalee uthi “ubothenga eyakho imoto nawe wenze ama video.