Ube yimpumelelo umncintiswano wowamanqamu ohlanganisa ukuhaya izinkondlo kanye nomculo weHip Hop. Lommcintiswano owaziwa nge Poetry And Hip Hop District Finals ngaphansi kwesiqubulo esithi SUKASAMBE, ububanjelwe ehholo lomphakathi eWoodford ngaphansi kukamaspala uKhahlamba. Bese…
LIDLE U 12 MILLION IBHULOHO LEMINYAKA LASENKUNZI.
UNgqongqoshe wezokuthutha nezokuphepha KwaZulu-Natal uMnumzane uSipho Hlomuka, namuhla uvule ibhuloho ilisendaweni yase Nkunzi ku ward 24 kuMaspala i-Alfred Duma ngaphansi kukakhansela Thembinkosi Ngcobo. Lelibholoho elidle isamba sezigidi eziyishumi nambili, besekuphele iminyaka ebalelwa…
IYAKHEPHUZELA INSANGU E BERGVILLE
Umaspala wasoKhahlamba usuhamba phambili ngokukuvunwa kweNsangu esifundazweni ikwaZulu Natal futhi baningi abantu abazohlomula ngaloluhlelo lwensangu. Izolo uhulumeni wesifundazwe uholwa nguNdunankulu u-Nkkz. Nomsa Dube Ncube, uNgqongqoshe wezolimo uMnuz uSuper Zuma, uNgqongqoshe wenzoMnotho ezokuvakasha…
UGCINE UQHUBEKE NGEMPUMELELO OWEMINYEZANE EMNAMBITHI TVET COLLEGE
Emva kokuphazamiseka isikhashana esingangehora umcimbi wokwethweswa kweminyezane wezitshudeni eseziphothulile zaseMnambithi TVET College obubanjelwe kwesinye sezikhungo zalekolishi esiseZakheni esigcemeni sakwa-A, ugcine uqhubeke ngempumelelo. Kuphakame amaphaphu ngesikhathi kucima ugesi kusanda kuqala lomcimbi izolo, nokuthe…
INKANYEZI IFUNDISE NGEZIFO EZIDALA UKUVALEKA KWAMEHLO KUBANTU
Isikole sabantwana abaphila nezimo ezikhethekile Inkanyezi Special School eSteadville eMnambithi ibe nosuku lokuqwashisa ngezifo zokungaboni emehlweni okuthi yiBlind Awareness Day izolo khona emagcekeni alesi sikole. Lomcimbi ubuhanjelwe yikhansela lendawo uMnumzane uThabethe, Abaphuma…
LESULE ISIGUBHUKANE IKHANSELA LAKUMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE.
IHhovisi leMenenja kamaspala iNkosi Langangalibalele lithi ngoMsombuluko lizithele phezu kwencwadi yokwesula emsebenzini kwaloyo obeyikhansela laku ward 11 ngaphansi kweqembu le-African National Congress (ANC) uCllr Nosipho Hlongwane. UHlongwane wangena ebukhanseleni ngonyaka ka 2021…
KUGQUGQUZELWE UMPHAKATHI UKUTHI UPHATHE KAHLE UPHINDE UVIKELE IZAKHIWO ZAWO
IMeya yomkhandlu i-Alfred Duma uMhlonishwa Zama Sibisi ehambisana no uCllr Thulasizwe Mlaba waku ward 17, uCllr Sanele Msimango ka ward 19, kanye no Cllr Sakhile Mswane waku ward 19, Bavakashele kuWard 19…
LISENKUNDLENI IBHOLA KUBAFUNDI BAKAMATIKULETSHENI
kusele izinsuku ezintathu nje vo ngaphambi kokuqala kwezivivinyo zokuphela konyaka kumatuKuletsheni kuleli lengabadi. Ungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo kwazulu natal u Nkz. Mbali Fraizer uthi umnyango wakhe usukulungele ukuthi abafundi baqale ukubhala ngesonto elizayo…
BATHI UMASPALA UYOFIKA BEQEDILE NGENDLE EZAKHENI
Amakhansela nomphakathi wakuma ward ahlukene aseZakheni asethathe isinqumo sokuzilungisela wona mathupha inkinga yendle ebahluphayo eselokishini laseZakheni. Lomphakathi kanye namalunga e-African National Congress (ANC) athi asekhathele ukunukelwa yindle iphinde ixhaxhaze emizini yabo. Lamalunga…
ZIPHATHELE IZIKHULU ZIKAMASPALA AMANZI EZIWAPHUZAYO IZAKHAMIZI ZAKWAJWILI
Ufike uphethe amasampula amanzi owaphuzayo umphakathi wakwaJwili kuward 31 ngaphansi kuka Maspala i-Alfred Duma emhlanganweni obuphakathi komphakathi nezikhulu zikaMaspala Uthukela izolo ehholo lomphakathi laseNtabeni Ebomvu. Lomhlangano obuhanjelwe yizikhulu zalomaspala ikakhulukazi ezisebenza emnyangweni…
ISIQOKWE KOWAMA OSCAR IFILIMU YAMAMBAZO AMNYAMA
Seliphinde laqokelwa komunye umncintiswano wezindondo omkhulu emhlabeni iqembu lesicathamiya lakuleli elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo. Amambazo amnyama aqokelwe kowama Oscar Awards angonyaka ozayo agxile kakhulu kwezamafilimu emhlabeni wonke jikelele. Leli qembu…
SEBEBUYELE EMSEBENZINI ONOGADA BAKAMASHATILE ABABHAXABULA ABASE “MNAMBITHI”
Sebebuyele emsebenzini wabo onogada bephini likamongameli wakuleli uMnumzane uPaul Mashatile abamiswa emsebenzini emva kokubekwa icala lokushaya. Labo nogada abangaphansi kophiko lwamaphoyisa kuleli i=SAPS bazithola bekwenkululu inxushunxushu emva kokuqubuka kwevideo yaqoshwa kweminye yemigwaqo…