Ufike uphethe amasampula amanzi owaphuzayo umphakathi wakwaJwili kuward 31 ngaphansi kuka Maspala i-Alfred Duma emhlanganweni obuphakathi komphakathi nezikhulu zikaMaspala Uthukela izolo ehholo lomphakathi laseNtabeni Ebomvu.
Lomhlangano obuhanjelwe yizikhulu zalomaspala ikakhulukazi ezisebenza emnyangweni wezamanzi esibala kulo uKhansela MM Khoza ongusihlalo wezamanzi nezokuthuthwa kwendle, uMr S. Cele oyimenenja, yiloyo obhekelele ezokusebenza uMr MH Hlatshwayo kanye nabanye abaningi.
Phakathi kwezikhalo ezethulwe wumphakathi zihlanganisa ukugqoza kwamanzi kanye nokungalethelwa amanzi ngezimoto ezithwala amanzi njengezinye izindawo. Lamalungu omphakathi athi aphuza nezinkomo amanzi ngenxa yakho ukuthi abanankiwe sidalo. Baphinde bakhala ngeBorehole esinesikhathi imbiwa ingapheli
Ukhansela ukhoza uchazele lomphakathi obudiniwe ukuthi ezinye izinto zingaphezu kwamandla njengoba besengaphansi kweso lomlawuli nje futhi iningi lezi nkinga zabo bazifice zikhona vele kumaspala futhi basebenza kanzima ukuzilungisa.
uKhoza uphinde wathembisa ukuthi uzohlala phansi axoxe nosonkontileka oqokelwe ukwenza umsebenzi wokugubha iBorehole oqhubekayo njengamanje endaweni ukuze athola kahle ukuthi lomsebenzi uqhubeka kanjani. Uthembise umphakathi ukuthi uzobuya nezimpendulo eziphelele emva kwalomhlangano.