Amakhansela nomphakathi wakuma ward ahlukene aseZakheni asethathe isinqumo sokuzilungisela wona mathupha inkinga yendle ebahluphayo eselokishini laseZakheni.
Lomphakathi kanye namalunga e-African National Congress (ANC) athi asekhathele ukunukelwa yindle iphinde ixhaxhaze emizini yabo.
Lamalunga e ANC nomphakathi anqume ukuzilungisela wona izitamukoko kulama wadi aseZakheni.
Akusikho eZakheni kuphela lapho kunalenkinga kodwa nasekuVukeni kukhalwa esifanayo.
Ilokishi laseZakheni linamakhansela ayisishagalolunye, wonke lamakhansela anqume ukukhanda umfelandawonye wokulungisa lezi zitamukoko.
Lezi zishoshovu zomphakathi zithi ngeke zona zilinde umkhandlu uThukela, kodwa bazozibambela njengoba bengazi ukuthi luyofika noma ngeke lufike usizo
Umphakathi ubonge kakhulu ukubambisana namakhansela. Bathi babonga neminikelo ephuma emphakathini esize kakhulu ekutheni lombhidlango wabo yimpumelelo.
Bathembise umphakathi wase Zakheni ukuthi bazowahambela wonke amawadi angaphansi kweZakheni.
Angiyena umhlali wasoThukela kodwa le website ingenza ngizizwe ngiphakathi kulezindawo ekusuke
kubikwa ngazo..
Enginesifiso sokukwazi yolokhu”aqale nini lama khansela ukuzibambela ekuhambiseni izidingo ,nasekulungiseni imgwaqo,nezitamkoko lezi ekubikwa ngazo? Nikhumbule abantu sebeyazi ukuthi ngo 2024 kwenziwani kwezepolitiki.
Angbonge