Umaspala wasoKhahlamba usuhamba phambili ngokukuvunwa kweNsangu esifundazweni ikwaZulu Natal futhi baningi abantu abazohlomula ngaloluhlelo lwensangu.
Izolo uhulumeni wesifundazwe uholwa nguNdunankulu u-Nkkz. Nomsa Dube Ncube, uNgqongqoshe wezolimo uMnuz uSuper Zuma, uNgqongqoshe wenzoMnotho ezokuvakasha uMnuz uSiboniso Duma, uMeya kamaspala UKhahlamba uKhansela Vikizitha Mlotshwa, uSomlomo womkhandlu uKhansela Zamlandela Khumala kanye namakhansela angaphansi kwalomasala, babe yingxenye yabantu abahlukene nabalimi basoThukela abahambele lengqungqutheleni yezinsuku ezimbili ebanjelwe e Bergville sports complex izolo nanamhlanje.
Lengqungquthela yabalimi ihlose ukufundisa abalimi,nemiphakathi ngokutshalwa kweNsangu. Abantu base Bergville baziphilisa ngakho ukulima insangu bayidayise kepha manje umaspala waso Khahlamba usunikwe ngokusemthethweni imvume yokutshala insangu yingakho namazwe omhlaba asezokwazi ukuzoyithenga oKhahlamba ukuze ayisebenzisele izinto ezinhlobonmhlobo kubalwa nokwelapha izifo eziningi.
Ekhuluma kulengqungquthela uMeya kamaspala ukhansela Mlotshwa uthe, “Kwafa amabutho endaweni yase Bergville eminyakeni engaphezulu kwengama shumi amahlanu edlule. Lamabutho ayelwela ukutshalwa kwale Nsangu. Abantu bakithi emaNgweneni banqunywa ngenxa yokufuna ukuthi insangu ibe semthethweni manje umsebenzi wethu njengabaholi ukuthi sifeze iphupho lobabamkhulu bethu ngokusiza abantu ngamathuba ngayo lensangu”.
Kanti uNgqongqoshe wezolimo KwaZulu-Natal UMnumzane uSuper Zuma, uthe uhlabeke umxhwele ngendlela abona ngayo ezolimo zithuthuka oThukela futhi nabalimu bezimisela kangaka. Unxuse abalimi ukuthi babambisane ukuthuthukisa lomkhakha obanakala ukhula ngesivinini kulesi sifundazwe sakwaZulu Natal kakhulukazi kubantu abampisholo.
UNdunankuku wesifundazwe yena uthi cha uhulumeni waKwaZulu Natal uzokwenza konke okusemandleni ukuthi abantu baso Khahlamba ikakhulu abesifazane bayahlomula kulo mkhakha weNsangu yase Bergville.
Lengqungquthela iyaqhubeka nanamhlanje.
Mna ndise Eastern Cape, ingaba phaya eEC ivumelekile na ukuba siyilime?
Ziziphi izinto ekufanele sinazo thina banomdla wokulima intsangu? Enkosi.
Ewe, yiya kwisebe elikufuphi lakwa DRDAR (Agriculture)
How can I apply or be permitted to be a legalized marijuana farmer? What channels I need to follow?
Ngifisa ukuba ngumlimi osemthethweni ongumlimi wensangu.ngingenza kanjani?