Emva kokuphazamiseka isikhashana esingangehora umcimbi wokwethweswa kweminyezane wezitshudeni eseziphothulile zaseMnambithi TVET College obubanjelwe kwesinye sezikhungo zalekolishi esiseZakheni esigcemeni sakwa-A, ugcine uqhubeke ngempumelelo.
Kuphakame amaphaphu ngesikhathi kucima ugesi kusanda kuqala lomcimbi izolo, nokuthe nje kuqeda ukucima ugesi iqeqebana labafundi balelikolishi ebelingeyona inxenye yabebezokwethweswa iminyezane laqala ingoma liphakamisa izingqwembe ezibhalwe ukuthi,”Sifuna imali yethu.”
Lomcimbi ube usuma, kwangenelela amaphoyisa abevele ekhona ekolishi ukuzoqapha isimo. Laba bafundi bakhala ngokuthi abakaze bayithole imali yabo ka-NSFAS, futhi basola ikolishi ngokudla lemali. Abanye abafundi abaxoxe naleli phephandaba bathi abanye babafundi abakaze bayithole imali yabo selokhu kwaqala unyaka kodwa basithola isiqinisekiso esivela kwabakwa NSFAS ukuthi sebegunyaziwe ukuzithola.
Kulomcimbi esingakubeka kucace njengamanje ukuthi ube yimpumelelo, ubuhlanganisa izitshudeni eziphuma ezikhungweni ezehlukene zalekolishi esingabala kuzo yona -Ezakheni Campus, Estcourt Campus kanye neLadysmith Campus.
Izikhulumi zidedelene zashiyelana inkundla zeluleka izitshudeni. Izinkulumo zigxile kakhulu ekukhuthazeni lezi zitshudeni ekuziqaleleni amabhizinisi azo. “Niyabona nani ukuthi imisebenzi ayisekho kulelizwe, mhlawumbe sekuyikhathi sokuthi nina njengabantu abafundile niziqalele awenu amabhizinisi ukuze nisize ukufukula umnotho wakuleli. Ningahlali nize nithukwe ngawo amajazi enu lawa, sukumani nibhukule nifukule imiphakathi eniphuma kuyo.” lawa ngamazwi ebephuma kuSihlalo womkhandlu owengamele lesi sikhungo uMnumzane BD Dlamini.
Isikhulumi sosuku bekungu Dr N. Khumalo waseNquthu, naye uhambe phezu kwawo amazwi kaDlamini okugcizelela elokuvula amabhizinisi.