kusele izinsuku ezintathu nje vo ngaphambi kokuqala kwezivivinyo zokuphela konyaka kumatuKuletsheni kuleli lengabadi. Ungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo kwazulu natal u Nkz. Mbali Fraizer uthi umnyango wakhe usukulungele ukuthi abafundi baqale ukubhala ngesonto elizayo njengoba wonke amaphepha okuhlola nezikhungo sezikulungele ukusebenza.
Izolo abafundi bezikole kuma ward 23 kanjalo no 24 e-Alfred Duma Municipality babe nomkhuleko wokuphela konyaka. Izikole ezingaphezulu kwezinhlanu zibe nalomkhuleko okubalwa kuzo iMasoyi secondary, iMangcengeza high, iThembela high, iZankosheni high, iMashobane High, iKwaphindavele High kanye nezinye zibe yinxenye yalomkhuleko. Lenkonzo ibihanjelwe abefundisi bezinkonzo ezehlukahlukene bezokhulekela abantwana.
Amakhansela alamawadi amabili iKhansela Thobani Dlamini (23) kanjalo no Khansela uThembinkosi Ngcobo (24 ) naba babonge kakhulu ukubambisana nothisha, abazali kanye nomhloli wesekethele lase Elangslaagte u Nkz. Mlotshwa.
Abafundi bawuJabulele lomkhuleko baveza ukuthi ubaqinisa indolo, bathembisa ukuzimesela kakhulu bakhuphule indawo yangakubo abasuka kuzona.