UNgqongqoshe wezokuthutha nezokuphepha KwaZulu-Natal uMnumzane uSipho Hlomuka, namuhla uvule ibhuloho ilisendaweni yase Nkunzi ku ward 24 kuMaspala i-Alfred Duma ngaphansi kukakhansela Thembinkosi Ngcobo.
Lelibholoho elidle isamba sezigidi eziyishumi nambili, besekuphele iminyaka ebalelwa kweyisithupha lakhiwa kodwa lingapheli. Lelibhuloho eliwela umfula iNkunzi, laqopha umlando ngokuthi bonke osonkontileka abanikezwe ukuthi balakhe bebeshiya phakathi lingaphelile ngezizathu ezingaziwa. Okudale ukuthi kugcine kungenelela yena Ungqongqoshe kuze kukhulunywa indaba yokuthi liphelile namhlanje.
Ungqongqoshe ubonge abantu basenNkunzi ngokubambisana nomyango wakhe, ukuze lomsebenzi ube impumelelo. uPhinde wabonga usonkontileka oqede lelibhuloho ngokusebenzisana nosomabhizinisi abancane bendawo abadlale indima enkulu ekuphothulweni kwalomsebenzi.
uHlomuka uthi losonkontilela obakha lelibholoho, uyawazi umsebenzi wakhe uyisebenzise kahle I mali yabakhokhi bentela. Ube esenxusa bonke osomabhizimisi ukuthi benze njengaye.