Njengoba abafundi bakamatikuletsheni sebesemaphethelweni nezivivinyo zokuphela konyaka , ngokujwayelekile bayaye behlele imicimbi bebungaza ukuqeda ukubhala nabakubiza nge ” Pens Down” noma “ukugezwa kwamapeni.” Okhulumela iqembu Inkatha Freedom Party kwezemfundo kwaZulu-Natal uNkosikazi Thembeni…
IMIBONO | UBANI KANTI OVOTELA LOHULUMENI UMANGABE NONKE NIWUGXEKA?
Ngonyaka ozayo intaka ibekelwe amazolo futhi kuleli lengabadi njengoba sibheke okhethweni lukazwelonke lesishiyagalombili selokhu kwabusa umbuso wentando yeningi. Noma selithe ukwehla igidigidi nomfutho wokuvota kuleli uma kuqhathaniswa nezinketho zokuqala zentando yeningi, kodwa…
UMNYANGO UBUYISELE EMUMVA UR4.3 BILLION WESIBONELELO SAMA R350 ONGASEBENZANGA
Kuphoqeleke ukuthi sibuyele imumva isamba sika R4.3 Billion ebesinikezwe umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ukuze kukhokheleke abangasebenzi kuleli. Ephendula umbuzo welungu lephalamende leqembu le IFP uLiezl van der Merwe ephalamende obuthi kungani lesi samba…
BACISHE BABA NOKHISIMUZI “OMNANDI” EMNAMBITHI KUWA ILOLI LIKABHIYA
Azikakholwa namanje izakhumizi zaseMnambithi ezizicwilela kwezikaFaro ngemuva kokuba kugingqike iloli ebelilayishe utshwala bangathola ngisho idampi leli lobhiya. Izolo kugingqike iloli elithwala utshwala emgwaqeni ku N11 maduzane nasendaweni okuthiwa yiLimit Hill khona eMnambithi….
BANGU 90 000 ABANTWANA BESIKOLE ABAKHULELWE KULONYAKA
Ubelokhu ebabaze njalo ungqongqoshe wezokuthuthukisawa komphakathi kuleli uNkosikazi Lindiwe Zulu ethulelwa umbiko ngenani labantwana besikole abakhulelwe kulonyaka ka 2023 kuphela. Lombiko oshaqisayo wethulwe ngoLwesine ephalamende phambi kwekomidi labesimame bezinhlangano ezehlukene zepolitiki. Kulombiko…
KUZOGCWALA AMABHINCA ECHAPTERS LOUNGE KUZOLALELWA EKAMENZI
Intaka ibekelwe amazolo kubalandeli bomculo kaMaskandi eMnambithi njengoba bezothola ithuba eliyinqayezivele yokulalela icwecwe elisha sha likaMenzi mahhala. UMenzi ongowokudabuka khona kuleli dolobha ukhiphe icwecwe lakhe elisha phakathi kwamabili namhlanje elisihloko sithi Chabo….
“ZIGEZE AMAPENI” NGOPHUZO OLUDAKAYO EZIKAMATIKULETSHENI
Bagcwale izitaladi bezitika ngophuzo oludakayo abafundi bakamatikuletsheni basezindaweni ezehlukahlukene esifundazweni saKwaZulu-Natali. Laba bafundi bakamatikuletsheni bebebhala iphepha labo lokugcina i esifundazweni saKwazulu Natali izolo.Lezi zivivinyo abaqale ukuzibhala ngasekupheleni kwenyanga kaMfumfu bathi bazizwa bejabule…
UYEKE ISIKOLE OWAZIMOSHELA ENQATSHELWA UKUYA ENDLINI ENCANE
Ukhathazekile umndeni womfundi wesikole samabanga aphansi iMasumpa Primary School eBergville njengoba uthi umtwana wawo akasafuni nakuyizwa eyokuya esikoleni ngemuva kwesigameko esamehlakalela ekupheleni kukaMfumfu (October). UMkhulu walomtwana(esiligodlile igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe) owenza…
ASEZOBHALWA KUMA LAP TOP AMACALA EZINKANTOLO ZAMAKHOSI
Kube usuku oluyingqophamlando kwisikhungo sobuholi bomdabu esifundazweni sakwaZulu Natal njengoba UNgqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu umhlonishwa uBongiwe Sithole-Moloi edlulisele amaLaptop kanye namakhadi eDatha e-3G koNobhala beMikhandlu yamakhosi, emcimbini obusingathwe ngaphansi komasipala…
LIME NSE UKUSEBENZA IDOLOBHA LASENQUTHU OSOMABHIZINISI BEBUNGAZA IMINYAKA ENGU-40 BASHADA
Osomabhizinisi baseNquthu uMnumzane M. Buthelezi noNkosikazi Z. Buthelezi owaziwa kakhulu ngelika Omeida, bavuselele izifungo zomshado njengoba bebegubha iminyaka engamashumi amane (40) bashada. Lendumezulu yomcimbi ibisehholo likanokusho elaziwa nge Omeida Wedding and Conference…
BAZOBANGA ISITEKI SIKA R10 000 O-DJ BASEMNAMBITHI
Umnyango wezamaciko ngaphansi kwesifunda uThukela usubeke isamba sika R10 000 emncintiswaneni okulindeleke ukuthi ube kulo leliviki. Lomcontiswano ofaka oDJ kanye nabaculi abehlukahlukene uzoba ngoLweSine Mhla ka 30 kuLwezi edolobheni laseMnambithi phambi kwaseMnyuziyemu…
IKWAZULULU-NATAL ISAHAMBA PHAMBILI NGABASULELEKA NGEGCIWANE LENGCULAZI
Ucwaningo olwenziwe abeHuman Science Research Council luveza ukuthi isifundazwe iKwazulu Natal ihamba phambili ngenani labantu abaphila nesandulela nculazi kuleli. iHRSC ikhiphe lezi zindaba ngoMsombuluko kumbiko wayo wocwaningo lweminyaka eyisithupha eyedlule. Lenhlangano ibuye…