Bagcwale izitaladi bezitika ngophuzo oludakayo abafundi bakamatikuletsheni basezindaweni ezehlukahlukene esifundazweni saKwaZulu-Natali.
Laba bafundi bakamatikuletsheni bebebhala iphepha labo lokugcina i esifundazweni saKwazulu Natali izolo.Lezi zivivinyo abaqale ukuzibhala ngasekupheleni kwenyanga kaMfumfu bathi bazizwa bejabule futhi bacabanga ukuthi bazokwenza kahle kakhulu kulonyaka. “Ngicabanga ukuthi ngizophumelela ngamalengiso, amaphepha nje wonke ebengekho nzima kangako.” Kuchaza U-Amahle Mthembu.
u-Amahle ungomunye babantwana abakhulume naleli phephandaba abebegqoke umfaniswano wesikole bebhiyoza edolobheni laseMnambithi beziphathele neziphuzo ezandleni.
Laba bafundi bebegqoke umfaniswano kodwa usudwetshwe imifanekiso eyehlukahlukene egcizelela ukuthi baqedile ukufunda. Elinye ihembe lomunye umfundi belibhalwe ngamagama amakhulu ukuthi,” Ngiphumile esicefeni. Bye School!”
Okuqapheleke kakhulu kulaba bafundi ukuphuza kwabo uphuzo oludakayo. abanye bese bevele bekhombisa ukuthi sebuyangena egazini kanti abanye bebexuba ugologo nokusadilinki ndawonye bekuphuze kanye kanye.