Sekuqubuke indida mayelana nezincwadi eziphikisanayo ezivela ezinhlangothini ezimbili ezizibiza ngobuholi beqembi i-Abantu Batho Congress elaziwa kakhulu ngokuthi yi-ABC. Zombili lezi zincwadi zikhuluma ngobulungu bukaSotswebhu kuMaspala i-Alfred Duma Local Municipality uKhansela Sabelo Sithole….
UHLENGEZELE IZINYEMBEZI UZIMDOLA EPHIKA IZIBHAMU
Umsakazi woKhozi FM uZimiphi Zimdola Biyela ongumethuli wohlelo lwasemini kulomsakazo uthi uselala obenyoni ngenxa yokwesaba amaphoyisa. Kumfanekiso oqoshiwe, lomsakazi ubonakala ehlengezela izinyembezi echaza ukuthi akasalali nasebusuku ngenxa yomahlebezi athi uzoboshwa ngoba unezibhamu….
BAPHELILE ABANTU ZINYANGA KANYE NABAPHROFETHI MBUMBULU
Siphila emphakathini lapho abantu bekhungethwe zinkinga eziningi abangazi bangazixazulula kanjani. Leli yithuba abalibonekahle osomathuba balisebenzisa ukuze bahlomule ngezinkinga zabantu ngoba bayazi ukuthi akekho umuntu othanda ukuhlala esenkingeni sonke sifisa impumelelo nempilo engenazihibe….
LIQALE UKUSEBENZA ENDAWENI YASE JONONO ILOLI ELISHA LASOTHUKELA
Liqalile ukusebenza iloli elikhulu lamanzi lwakwa Coca-Cola elithulwe izolo ngu meya womkhandlu uThukela iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala. Leli loli elizohlala izinyanga ezintathu oThukela ngenkathi inkampani yakwa Coca-Cola isalungisa uhlelo lwenzimpopi ezindaweni ezihlukene ngaphansi…
iML SALTAN NENYUNYANA BAKHUTHAZE UKUHLOLELWA UMDLAVUZA WEBELE
Amalunga enyunyana yothisha I South African Democratic Teachers Union (SADTU) esikoleni I ML Slatan eMnambithi izolo abambe umkhuleko wokulwisana nesifo somdlavuza webele. Lomkhuleko ubuhanjelwe nanguMfundisi uPetse webandla iVoice Of Victory elikhona eMnambithi,…
UMASPALA UKHALA NGOKUTHATHWA KANCANE UHULUMENI WESIFUNDAZWE
Ukhihla esikaNandi umaspala wase-Alfred Duma ngakubiza ngokuthathwa kancane uhulumeni wesifundazwe saKwazulu-Natal. Lomaspala ukhiphe isitatimende izolo ukhala ngesimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu kanye nemisebenzi yomphakathi uMnumzane Sipho Nkosi emcimbini wokunikezela kwamatiyitela kubantu baseSt…
UTHOLAKALE ESESHONILE UMTWANA OWADUKA EGOMBA EWEENEN
Enyangeni eyedlule iphephandaba lakho elikulethela izindaba zinjengoba zinjalo labika ngokulahleka komtwana owayeneminyaka emibili ogamalakhe kungu Kamvelihle “Zee” Qwabe elahleka edlala nezinye izingane egcekeni lakubo endaweni yaseGomba eWeenen. Leliphephandaba selingakuqinisekisa ukuthi umzimba kaKamvelihle…
UNGQONGQOSHE UTHI UMASPALA UGWEVE NAMATAYITELA ABANTU BASE ST. CHADS
Ufike eshwiba izandla kubantu base St. Chads eMnambithi uNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu nemisebenzi yomphakathi KwaZulu-Natal uMnumzane Sipho Nkosi. Ungqongqoshe bekulindeleke ukuthi anikezele ngamatayitela ezindlu zomxhaso kumalungu alomphakathi kodwa lokho akwenzekanga njengoba ethi wenqatshelwe…
ISITHELEKILE KULELI INDEBE YOMHLABA YELOMBHOXO
Baphume ngobuningi abantu baseNingizimu Afrika ukuyokwamukela amaSpringbok e-OR Thambo International Airport emva kokunqoba indebe yomhlaba eFrance. Kuhlokome isikhumulo sezindiza ngesikhathi litheleka leliqembu liholwa nguKaputeni walo uSiya Kolisi. Amabhokobhoko ashaye New Zealand ngo…
UMNCWANGO USOLA IMEYA YASOKHAHLAMBA NGOKUHUQA INSANGU
Umholi weqembu i-Action SA KwaZulu-Natal uMnumzane uZwakele Mcwango usesole imeya kamaspala uKhahlamba ngokubhema insangu. uMncwango usho kanje ekhasini lakhe likafacebook emva kokuthi leli phephandaba libhale udaba mayelana nengqungquthela yensangu ebibanjelwe eBergvill ngempelasonto….
BAGCULISEKILE NGENKOKHELO ABOMASKANDI ENQUTHU.
Umaspala waseNquthu kule mpela sonto uhloniphe abanculi bakaMaskandi abasuka ngaphansi balomaspala, Labanculi kubalwa umculi ongasekho emhlabeni uMgqumeni, Izingane zoMa, Imfezi emnyama nabanye abahlukene ngomcimbi obizwa nge Nquthu Maskandi Festival. Abaculi abasafufusa abathole…
ISIHLUKU KUNGQONGQISWA UMNDENI WEKHANSELA EBERGVILLE
Uvuswe ngamalangabi omlilo obusha ubuhanguhangu entathakusa ngezithuba zehora lesibili izolo umphakathi waseBhethani eBergville. Kusuke esinamathambo ngesikhathi umuzi wekhansela leDA kuWard 15 ngaphansi kukaMaspala Ukhahlamba uMnumzane Ndlelibuzwakwabaphambili Buthelezi ugqamuka amalangabi. Ngokusho kwekhansela lalendawo…