Uvuswe ngamalangabi omlilo obusha ubuhanguhangu entathakusa ngezithuba zehora lesibili izolo umphakathi waseBhethani eBergville.
Kusuke esinamathambo ngesikhathi umuzi wekhansela leDA kuWard 15 ngaphansi kukaMaspala Ukhahlamba uMnumzane Ndlelibuzwakwabaphambili Buthelezi ugqamuka amalangabi.
Ngokusho kwekhansela lalendawo uMnumzane Thiza Khoza uthi uthole ucingo oluvela kulo lelikhansela licela ukusizwa ngenxa yokuthi kukhona abamhlaselayo. UKhoza uthi uvukile wanikela khona nokuyilapho efica lomuzi usha. Ukhoza uthi uzamile ukungena ngaphakathi endlini ebisha nathi uthe engena nje wazithela phezu kwenganyana isha kodwa isaphila, ube eseyithatha ingane wayikhipha ukuze ithole usizo. Ube esebuyela phakathi wakhipha ikhansela nalo ebelisaphila.
Ukhoza uthi uthe esezama ukubuyela ukuyohlenga abanye ebebesasele ngaphakathi wathola ukuthi ilangabi selilikhulu kakhulu awabe esakwazi ukungena ngaphakathi. Umama kanye nabantwana ababili bashe bangqongqa endaweni yesigameko, kanti uButhelezi yena nomunye umtwana baphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho okuthiwa umtwana ufike waphangalalela khona. UButhelezi kwembulwa kwembeswa kuyena njengamanje
IKhansela Ukhoza uthi bazamile ukuthola usizo kwizicishamlilo eBergville nathi kuthiwe akukho muntu obesebenza ngaleso sikhathi, kuzodingeka ukuba alindwa asuke ekhaya. Uthi usuke lapho wayocela usizo emaphoyiseni athi alubambe emva kwesikhashana eside nalapho owesifazane ophendulile ethe bona abacishi umlilo. Amaphoyisa agcine efikile sekushaye ihora lesine ekuseni
Sawbona mhleli bengicela ungedlulusele isicelo sami othukela ku ward 5 sicela amapiype sizozifakela amanzi sicela nje amapiype