Siphila emphakathini lapho abantu bekhungethwe zinkinga eziningi abangazi bangazixazulula kanjani.
Leli yithuba abalibonekahle osomathuba balisebenzisa ukuze bahlomule ngezinkinga zabantu ngoba bayazi ukuthi akekho umuntu othanda ukuhlala esenkingeni sonke sifisa impumelelo nempilo engenazihibe.
Kunabantu abazibiza ngezinyanga kanye nababholofidi abagcwele emphakathini baheha abantu ukuba beze kubo njengoba banamakhambi okwelapha noma okusiza zonke izinkinga abantu ababhekene nazo baphinde babenze bacebe kanti babaholela ophathe.
Umfundi wephephandaba ongathandanga ukuba simudalule ubekhala ezimathonsi ngesimanga esimehlele yena nabahlobo bakhe lapho ethi bathola ngomunye abamethembile ukuthi kunomuntu osizayo akashayi phansi impela kuphela konke okuzinkinga, uthi bayile impela izikhathi eziningana bephuma ngamakhumbi beba baningi afike ebabhorofidela izinkinga zabo bekhokha njengoba konke lokhu bekubiza izimali ezishisiwe inkinga ifike yaba lapho abanye belindele izinto abathembisa zona ukuthi yizo abazozisebenzisa ukuze besizakale abanye belindele ukuba aye emakhaya abo ukuze ezobalungisela ,yilaphoke athi abazange besamthola ngisho nasocingweni, basele nje nemibozo eminingi bakhalela nezimali asebezichithile benethemba lokuthi bazolungelwa yikho konke.
Bafisa ukuthi umphakathi uqaphele nabomthetho bakwazi ukuba necebo lokunqanda lesi sihlava esesigcwele emphakathini kungakamosheki abaningi.