Baphume ngobuningi abantu baseNingizimu Afrika ukuyokwamukela amaSpringbok e-OR Thambo International Airport emva kokunqoba indebe yomhlaba eFrance. Kuhlokome isikhumulo sezindiza ngesikhathi litheleka leliqembu liholwa nguKaputeni walo uSiya Kolisi.
Amabhokobhoko ashaye New Zealand ngo 12-11 kowamanqamu obukade ubanjelwe ekundleni yase Stade de Franc khona kwelikaPhapha.
Amabhokobhoko aqopha lomlando nje kuzokhumbulekala ukuthi indlela yabo ebiqonde empumelelweni azange ize ibe Lula neze njengoba kumdlalo wabo wama Quater Final bashaya osokhaya okuyi France ngo 29-28,kwathi KUMA Semi finals bashaya izwe lase ngilandi ngo 16-15.
Kumanje izwe lakulelili Ilona eliqhwakele phuzulu ekuklelisweni kwamazwe ngamazwe, njengoba futhi kuyilona eliphethe le ndebe Yomhlaba amahlandla amaningi kunamanye Amazwe. I Ningizimi Africa isiyinqobe amahlandla amane njengoba yayi nqoba okokuqala ngo nyaka Ka 1995,2007,2019 Kanye 2023.
Lendebe Yomhlaba izozungeza elakuleli ezindaweni ezahlukene njengoba kuqokwe izindawo ezinhlanu ezinsukwini ezine, kusukela ngo lwesine kuze kube isonto. Lomjikelezo uzoqala Johannesburg, Soweto, Pretoria, Durban Kanye ne East London.
Kanti uMongameli wakuleli umemezele usuku lwango 15 December 2023 njenge holidi ukubungaza lenkululeko Yama Bhokobhoko.