Uhulumeni waKwaZulu-Natal usumemezele izinhlelo zokusabalalisa izinsiza emindenini ekhahlanyezwe yisimo sezulu esingesihle ngobusuku obandulela uNcibijane. Kushone abantu abathathu okuhlanganisa nengane eneminyaka eyisikhombisa eMgungundlovu naseMandini kulandela izimvula ezinamandla ezihlasele izingxenye zesifundazwe ngeSonto. Lokhu kuza…
ZINOJU KUBASHAYELI BAKULELI NGOPHETHILOLI
Izindaba ezimnandi kubantu baseNingizimu Afrika njengoba intengo kaphethiloli izokwehla. Kusukela ngoLwesithathu zombili izinhlobo zikaphethroli zizokwehla ngo-62 no-76 cents ilitha. Udizili uzokwehla kakhulu phakathi kuka-R1,18 cents no-R1,26 cents ilitha. Umnyango weMineral Resources uthi…
UMKHONTO WESIZWE EZINSOLWENI ZOKUGWINYA IQEMBU LE NPA
Akafuni ukuphumela obala umengameli weqembu INational Peoples Ambassadors (NPA) uMnuz Nathi Mthethwa ngezinsolo ezibakhomba kwiqembu elisha elithulwe ngonyaka ophelile ngoZibandlela Umkhonto Wesizwe. Kunezinsolo ezithi uMthethwa neqembu lakha sebezimatanisa naleliqembu elisha sha. UMthethwa…
INKANTOLO IVUMELE USARS UKUTHI AFAKE AMA CCTV EZINKAMPANINI EZIKHIQHIZA UGWAYI
Inkantolo eNkulu yasePitoli isivumele isicelo seSouth African Revenue Service sokufaka imishini yokuqapha i-CCTV ezindaweni zokugcina izimpahla ezisetshenziswa abakhiqizi bakagwayi. Lokhu kuhloswe ngakho ukunqanda ukuhwebelana okungekho emthethweni kwemikhiqizo kagwayi okubangele igebe elibonakalayo lentela…
U-NSFAS NEZINHLELO ZOKUKHOKHELA ABAFUNDI ABANGU 20 000 ABASALE NGONYAKA OWEDLULE
INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isenezibonelelo eziwu-20 000 engazikayikhiphi kusukela ngo-2023. Le nhlangano ithe lezi zibonelelo zisadinga imibono ezikhungweni ngaphambi kokuthi zithunyelwe kubafundi abathintekayo. Ibhodi le-NSFAS libe nomhlangano ongaphezu kovamile ngeSonto…
I-LOAD SHEDDING ISHAYA IBUYA NAMUHLA
U-Eskom uzophinde aqale kabusha ukunqanyulwa kukagesi ngoLwesibili ngemuva kwesikhashana nje ngamaholidi kaKhisimusi. Ukucishwa kukagesi ku-Stage 2 kuzoqalwa phakathi kuka-5am no-4pm ngoLwesibili, kulandelwe yi-Stage 3 kuze kube ihora lesihlanu ekuseni ngoLwesithathu. “Le ndlela…
AKASEKHO EMHLABENI UMAKADEBONA WOMTHWEBULI WEZITHOMBE
UDr Peter Magubane wayengumthwebuli owayexoxa udaba ngobandlululo nengcindezi yomuntu omnyama eNingizimu Africa ngezithombe. UMagubane wazinikela emsebenzini wakhe kangangokuba wayengenandaba nalutho kuphela ukuveza iqiniso ngezinto ezazenzeka lokhu kwaholela ekutheni aboshwe izinsuku ezingu 586…
UZOHLONISHWA NGOMNGCWABO OSESIGABENI SESIFUNDAZWE UMBONGENI NGEMA
Lona obeyingqalabutho yombhali, umqambi kanye nomqondisi kwezeshashalazi kanye nomculo uDokotela Mbongeni Ngema uzohlonishwa ngomngcwabo osipesheli osesigabeni sesifundazwe ( Special Provincial funeral Category 2). Lezi zindaba zidalulwe nguNdunankulu waKwaZulu Natal uNksz Nomusa Dube-Ncube…
BATITINYWE WUMPHAKATHI ABASOLWA NGOKWEBA IZIMBUZI NGETEKISI EMNAMBITHI
Abanjwe umphakathi endaweni yasePitas amadoda amabili asolakala ngokweba izimbuzi nezimvu maqede azilayishe ekhumbini njengabagibeli. Lamadoda okusolakala ukuthi abeseziqedile izimbuzi zabantu ezindaweni ezakhele idolobha umnambithi. Isikhalo bese sisiningi ngalamasela ezindaweni ezifana naseTsakane, Ezakheni…
KUZOPHENYWA ABASENDUMENI NGEZIQU ZEMISEBENZI ABAYENZAYO
Imeya kamaspala iNdumeni uKhansela Siyabonga Ndlovu usekuqinisekisile ukuthi kuzoba nophenyo kubasebenzi bomkhandlu uma kuqala unyaka ozayo. Lokhu kuza emva kwamahlebezi abethi lomkhandlu uhlele ukuphenya abasebenzi ukuthi iziqu abanazo ziyahambisana yini nemisebenzi abayenzayo…
KUBE MUNCU KWI GUMBA FEST BENQAMULA UNYAKA BUKHOMA NOKHOZI FM
Bebephume ngobuningi abantu emcimbini wokunqamula unyaka ka2023 eRichards Bay obizwa nge Gumba Fest. UKhozifm okuyilo olulalelwa kakhulu ngalolusuku njengoba abantu besuke belindele ngabovu ukuzwa ingoma ehlukanise unyaka lube bukhoma ngo 12pm lethula…
BASHAYE AMATHINI NGOMNYAMA EMBULWANE
Bawuhlukanise ngobumnyama unyaka abantu baseMbulwane naseTsakane emva kokuhamba kukagesi isikhathi eside kulezi zindawo ezingamalokishi asondelene nedolobha uMnambithi. Kusukela ngesonto kusihlwa umphakathi wase Mbulwane, Tsakane Kanye ne Steadville ulale ungasenawo ugesi kulezi ndawo…