UDr Peter Magubane wayengumthwebuli owayexoxa udaba ngobandlululo nengcindezi yomuntu omnyama eNingizimu Africa ngezithombe.
UMagubane wazinikela emsebenzini wakhe kangangokuba wayengenandaba nalutho kuphela ukuveza iqiniso ngezinto ezazenzeka lokhu kwaholela ekutheni aboshwe izinsuku ezingu 586 ngokutholakala ethatha izithombe. Wayesebenzisa izindlela ezijulile nezinobuhlakani bokuthatha izithombe njengoba kwakungavumelekile nje , kwisqeshana sodaba oluqoshiwe wake waveza ukuthi kwesinye isikhathi kwaze kwadingeka ukuba athenge isinkwa afake phakathi icamera ukuze engabonakali ukuthi uyathwebula.
Ngonyaka ka 1990 waqokwa njengomthwebuli osemthethweni waloyo awayenguMengameli omnyama wakuleli ngaphansi kwenkululeko uNelson Mandela.
UDr Magubane ubephinde abe ngumbhali wezincwadi esingabala kuzo ” Black as I Am”, Black Child” nezinye. Udlule emhlabeni eseneminyaka engu 91 uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa usedlulise amazwi enduduzo emndenini.