Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

INDIDA NGOKUXOSHWA KUKASOTSWEBHU WASE-ALFRED DUMA EQENJINI LE-ABC

Posted on 5 November 2023

Sekuqubuke indida mayelana nezincwadi eziphikisanayo ezivela ezinhlangothini ezimbili ezizibiza ngobuholi beqembi i-Abantu Batho Congress elaziwa kakhulu ngokuthi yi-ABC. Zombili lezi zincwadi zikhuluma ngobulungu bukaSotswebhu kuMaspala i-Alfred Duma Local Municipality uKhansela Sabelo Sithole.

Encwadini ebhalwe ngulowo owaziwa njengomholi waleli qembu uMnumzane PG Mavundla ebhekiswe kuSithole leliphephandaba elinayo, ikubeka kucace ukuthi uSithole akaselona ilungu laleli qembu. “Lencwadi eyokuqinisekisa ukuthi awuselona ilungu leqembu i-ABC. Njengoba wawubizelwe ekomidini eliqondisa izigwegwe ongakwazanga ukufika kulo, wathunyelelwa incwadi yokukuxosha ngomhla ka 19 kuMfumfu, wanquma ukungasiphikisi lesi sicelo.” kuchaza incwadi.

Lencwadi iqhubeka ichaze ukuthi ngokomthetho sisekelo weqembu -ABC, Umongameli weqembu unawo wonke amalungelo okuxosha ilunga uma lephule imithetho yeqembu. Phakathi kwezinye izinto axoshelwe zona uSithole ezibalwa yilencwadi, kubalwa ukudicilela isithunzi seqembu phansi, kanjalo nokushaya indiva isinqumo sokumiswa eqenjini.

Ebuzwa uSithole ngalokhu okushiwo yilencwadi akashongo lutho oluningi ngaphandle kokuthi athumelele leli phephandaba enye incwadi athi iphuma ebuholini bangempela beqembu i-ABC. Lencwadi esayinwe yilowo obaziwa njengosihlalo we-ABC kodwa osayine njengoMongameli kulencwadi uMnumzane BM Gwala, ibibhekiswe kwiManager KaMaspala i-Alfred Duma. Lencwadi enekheli laseSteadville inesihloko esithi, “Impendulo yencwadi yokuxoshwa kukaKhnsela uSabela Sithole.”

Lencwadi iqhuba ithi,”Sicela ukukwazisa ukuthi mina njengoMongameli omusha weqembu i-ABC kusuka ngomhla ka 23 kuSeptember 2023, ngiyasichitha isinqumo sokuxoshwa kukaKhansela Sabelo Sithole eqenjini le-ABC, lokhu ngikwenza ngamandla enginikwe wona umthetho sisekelo weqembu njengomholi. Incwadi yokuxoshwa kwakhe othunyelelwe yona eqhamuka ebuholini obudala be-ABC ayikho emthethweni ngoba abusenawo amandla okuthatha izinqumo ezinjengalezi, ngakho sicela niyishaye indiva” kuphetha incwadi.

Lezincwadi isidale ukudideka ngempela ukuthi kanti ubani umholi weQembu le-ABC.

Alaziwa ikusasa likaSithole esikhundleni sakhe sokuba usotshwebhu kaMaspala i-Alfred Duma emva kokuvumbuka kwalezi zincwadi eziphikisanayo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme