Sekulokoza inhlansi yethemba ngamathuba emisebenzi emphakathini ikakhulukazi owakhele umasipala uKhahlamba kulandela ukuhamba kahle kwe-Okhahlamba Cannabis Indaba ebibanjelwe Okhahlamba Sport Complex ngoLwesihlanu. UMkhandlu Ukhahlamba oholwa uMhlonishwa Cllr Vikizitha Mlotshwa kanye nabezinhlaka ezahlukene ababhekelele…
Category: Izindaba Zomphakathi
UMSINDO NGOKWETHULWA KUKASONKONTILEKA OZOKWAKHA IZINDLU KWASOMSUKU
Sekuqubuke indida ngencwadi okuthiwa ivela emnyangweni wezezindlu KwaZulu-Natal evimba ukuthi uMaspala i-Alfred Duma Municipality ungaqhubeki nohlelo lwayo lokuyokwethula ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha izindlu endaweni yakwaSomsuku naseSkoko. Lomaspala, ubunezinhlelo zokwethula usonkontileka ozokwakha lezi zindlu…
UPHELILE UMDONSISWANO OBUKHONA NGODABA LOKWAKHIWA KWEZINDLU ETSAKANE
Umhlangano obuphakathi kwekomidi elimele umphakathi endaweni yaseTsakane eMnambithi noMaspala i-Alfred Duma kanye nosonkontileka oqokelwe ukwakhiwa kwezindlu kulendawo uMpheme Construction uphele kuphunywe nesinqumo sokuthi kuqhutshekwe kwakhelwe umphakathi walendawo izindlu. Kudingeke ukuthi kumiwe ukuqala…
UFLOYD UCIJA AMALUNGA E-EFF OTHUKELA UKULUNGISELA UKHETHO LUKAZWELONKE
Iphini lika Mengameli we Economic freedom Fightiers (EFF) uFloyd Shivambu usebuye kabili kwisifunda sasoThukela amasonto elandelana. uShivambu uqale ngesonto eliphelile e Alfred Duma ezocija amalunga aleliqembu ukuze aphume agcwale izinkalo zonke ashumeyele…
BAZOHLALA UNYAKA WONKE ABAFUNDI BASE DURNACOL OTHUKELA
Namuhla umkhandlu UThukela wamukele abafundi abangu 142 abavela Esikhungweni semfundo ephakeme esiqeqesha ngokwamakhono i Durnacol Skills Hub. Laba bafundi bazoqedela izifundo zabo kwimikhakha ehlukehlukene ngokusebenzela ngaphakathi kumaspala Uthukela. Abafundi bazohlala isikhathi esingangonyaka…
BAKHOKHA U R5 ABASHAYELI BASE MATIWANE UKUZE BALUNGISELWE UMGWAQO
Bakhathazekile abashayeli bamatekisi baseMatiwane njengoba abagibeli babo sebeqome ukufudukela edolobheni eMnambithi ngexxa yokufika sekudlule iskhathi emsebenzini ngenxa yomgwaqo omubi. Umgwaqo omkhulu osuka ku N11 udabule endaweni yase Matiwane udlule uye e Lusitenia…
KUBE IMPELASONTO YOBUMNANDI, YIZIMPAMA NEZINGOZI EMNAMBITHI
Lempelasonto esiphuma kuyo ibe nezigameko ezehlukahlukene edolobheni eMnambithi. Imicimbi ebithe chithi saka kulendawo ibihlanganisa ifestivali enkulu kamskandi yaminyaka yonke eyaziwa ngokuthi yi- 150 Maskandi Festival, yidili laMahlaya ebelisendaweni yokugembula iGreat Bingo, umgubho…
SEBEMISIWE ONOGADA ABABHAXABULE ISIGULI ESIBHEDLELA EMNAMBITHI
Sebemisiwe emsebenzini onogada ababonakale bebhaxabula isiguli kwivideo eqoshiwe okuthiwa ithwetshulwe ngesinye seziguli esibhedlela sikahulumeni esisedolobheni eMnambithi. kuleVideo kubonakala onogada ababili beshaya lesi sigulu ngezimpama beshintshana ngaso, kanti isiguli sona sizwaka siklewula sisho…
IBE YIMPUMELELO INGQUGQUTHELA YEBANDLA ILADYSMITH FOUNTAIN CHURCH
ILadysmith Fountain Church eku 81D Newcastle Road eMnambithi ibibambe ingqungquthela yezinsuku ezine okungeyesi shiyagalombili kulonyaka ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Time to Break forth” Isikhathi sokudlubulundela.Lelibandla ligxile kwi zimfundiso,ukukhulisana ezwini liphinde lilekelele abantu ngokuxhumana…
UTHE NGCINGCI KAMJOLI UMPHAKATHI WASE LIMEHILL UVAKASHELWA YIHHOVISI LAKWA SASSA
Uphume ngobuningi bawo wagcwala ihholo lomphakathi umphakathi waseLimihill nezinye izindawo ezakhele uWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma izolo kulandela ukuvakasha komnyango wakwaSASSA Kulendawo.ukufika kukaSASSA kulendawo kube yisibusiso kulomphakathi ngenxa yezinkinga obhekana nazo…
BAKHALA NGOKWEQIWA NGAPHEZULU ABASEBENZI ABAYITOHO EMNYANGWENI WEZOKUTHUTHA OTHUKELA
Baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi omnyango wezokuthutha izolo abasebenzi abayitoho balomnyango eBergville emumva kokuzwa emsakazweni ukuthi sekuqhashwe abanye abasebenzi ekubeni bethenjiswa ukuthi uma kuvuleka izikhala kuzongena bona. kume nse ukusebenza kulomnyango ngesikhathi laba basebenzi…
UMPHAKATHI UTHEMBISA UKUPHELEZELA IKHANSELA NGEMVUBU BEYOFUNA AMANZI.
Uthukuthele ugane unwabu umphakathi waku Ward 4 kuMaspala uKhahlamba Local Municipality, njengoba sekuphela izinyanga ungenamanzi. Lomphakathi uthi into ebaphatha kabi ukuthi iLoli lamanzi lidlula kuyo leward liye eWard 8. Lo mphakathi usola…