Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UPHELILE UMDONSISWANO OBUKHONA NGODABA LOKWAKHIWA KWEZINDLU ETSAKANE

Posted on 5 October 2023

Umhlangano obuphakathi kwekomidi elimele umphakathi endaweni yaseTsakane eMnambithi noMaspala i-Alfred Duma kanye nosonkontileka oqokelwe ukwakhiwa kwezindlu kulendawo uMpheme Construction uphele kuphunywe nesinqumo sokuthi kuqhutshekwe kwakhelwe umphakathi walendawo izindlu.

Kudingeke ukuthi kumiwe ukuqala kokwakhiwa kwalezi zindlu ngeviki eledlule ngemumva kokuthi umphakathi ukhale ngezinto ezithile ezenzekayo ongahambisani nhlobo nazo. Lomphakathi ohlanganisa umphakathi wase Tsakane ePhase 1 okungu ward 9 ngaphansi kweKhansela uSithole kanye nomphakathi wasePhase 2 ongaphansi kweKhansela uXaba, ukhala ngokuthi usonkontileka oqokelwe ukwenza lomsebenzi uthi angeke ubakhele abantu abangekho ohlwini olusha labazokwakhelwa izindlu yize noma babekhona ohlwini oludala lwezindlu ezagcina zingaqedelwanga ukwakhiwa ngenxa yezinkinga ezithile. Lomphakathi uthi, kunezindlu ezazakhiwa zangaqedwa, ezinye zazo zashiywa kusakhiwe imfayindishi kuphela. Iningi labanikazi balezo zindlu abaveli ohlwini olusha. Umphakathi uthi ufuna ziqedelwe lezi zindlu noma ngabe ohlwini olusha aziveli.

Okunye lomphakathi obukhala ngakho ukuthi imali ebekwa etafuleni ngusonkontileka eqondene nosonkontileka bendawo nabo okulindeleke ukuthi bahlomule kuloluhlelo incane kakhulu. Bacele ukuthi lenkampani ike ilubhekisise udaba oluthinta imali futhi bengajabula kakhulu uma ingakhushulwa lemali ukuze kusebenzeke kahle.

Obemele uMaspala uMnumzane uNgiba ukuqinisekisile ukuthi zonke izindlu ezaqalwa zasala kanjalo kuhlelo oludala zizoqedelwa nazo kanye nalezi ezintsha ezizokwakhiwa. uphinde wathembisa futhi ukuthi bazobuyela emphakathi kungekudala ngodaba oluthinta izimali zosonkontileka bendawo.

Ukwakhiwa kwalezi zindlu kulendawo kulindeleke uthi kuqale ngoMombuuko wangesonto elizoyo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme