Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMSINDO NGOKWETHULWA KUKASONKONTILEKA OZOKWAKHA IZINDLU KWASOMSUKU

Posted on 5 October 2023

Sekuqubuke indida ngencwadi okuthiwa ivela emnyangweni wezezindlu KwaZulu-Natal evimba ukuthi uMaspala i-Alfred Duma Municipality ungaqhubeki nohlelo lwayo lokuyokwethula ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha izindlu endaweni yakwaSomsuku naseSkoko.

Lomaspala, ubunezinhlelo zokwethula usonkontileka ozokwakha lezi zindlu khona namhlanje kulezi zindawo. Lencwadi, esabalale ezinkundleni zokuxhumana izolo ntambama ithi akufanele neze ukuthi uMaspala kube yiwona owenza lokhu ngoba lezi zindlu azizukwakhiwa yiwona kodwa zizokwakhiwa nguhulumeni wesifundazwe, ngakho yiwona kuphela onelungelo lokuhambisa lezi zindlu kubantu.

Imeya kamaspala i-Alfred Duma uKhansela Zama Sibisi ekhuluma eMsakazweni Inqubeko FM ekuseni namhlanje uthe, okubadida kakhulu ngalencwadi ukuthi imenenja kaMaspala uMM Ngiba uyithole ekuseni namhlanje ngezithuba zokugamanxa kwehora lesikhombisa lencwadi, ekubeni ibivele isisabalele ezinkundleni zokuxhumana izolo ebusuku. IMeya ithi umbuzo abazibuza wona yilo wokuthi kwenzeke kanjani ukuthi lencwadi ifike ezandleni zabanye abantu ingakafiki kuloyo ebheke kuye ngqo okuyiMenenja kamaspala.

Usole kakhulu lomnyango nohulumeni wesifundazwe ngokudlala ipolitiki ngezimpilo zabantu. USibisi uqhube wathi bona njengomnyango abadidekile nhlobo, bayazi ukuthi uhlelo lwezindlu lwenganyelwe uhulumeni wesifundazwe, kodwa bona bebeya njengabantu abasebenza nomphakathi nsuku zonke. Uze wenza isibonelo ngabanye oMaspala athi bona behlezi bebethula osonkontileka akukaze kusuke msindo ngoba labomaspala bephethwe yiqembu le-ANC.

Umnyango wezezindlu wesabise ngokuthi uzoyeka ukwakha lezi zindlu uma ngabe lomaspala uqhubeka nalezi zinhlelo.

Umeya uphethe ngokuthi bazoyihlonipha lencwadi bengangamethuli usonkontileka, kodwa bazoqhubeka baye ebantwini bakhulume ngezidingo zabo njengokwezinhlelo zabo zanamhlanje.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme