Amaphoyisa aKwaZulu Natal aseqinisekisile ukuthi kutholakale izidumbu zabantu besilisa ezimbili abalinganiselwa eminyakeni engu 35 kuya ku 38 endaweni yaseDundee, Okhulumela amaphoyisa esifundeni uMzinyathi uConstable Nkwanyana uthi lokhu kuza ngemuva kokuthi umphakathi uhlabe ikhwela…
Category: Izindaba Zomphakathi
UTHOLE IZIMPENDULO UMPHAKATHI WASELOSKOP NGAMANZI
Emavikini amabili edlule leliphephandaba labika ngezibhelu ezasuka endaweni yaseMtshezi ngaphansi kukaMaspala ilanga libalele lapho umphakathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo ngemfucuza kanye namathayi avuthayo ukhala ngokuntula amanzi. Lomphakathi uzitholile izimpendulo izolo emva komhlangano…
KUBUYISA ITHEMBA UKUBAMBISANA KWEMBOKODO
Ube yimpumelelo umcimbi obuse Mountview eMnambithi lapho bekhuhlangene abantu besifazane okubalwa kubo abashiywa ngabayeni babo emhlabeni( abafelokazi) nabahlukanisa.Lomcimbi ubuhanjelwe abasifazane abaqhamuka ezindaweni ezahlukene khona la oThukela. Phakathi kwezinto abakhulume ngazo kube ukubaluleka…
ILUBUNGAZE NGEZINDLELA EZAHLUKENE USUKU LWAMAGUGU I-ANC EJOSIA GUMEDE.
Iqembu i-African National Congress ngaphansi kweJosiah Gumede Region igubhe usuku lwamagugu namasiko EZakheni kuward 2 ngaphansi kuka maspala i-Alfred Duma. Usihlalo we ANC eJosiah Gumede Cllr Siphiwe Mazibuko nonobhala uMnu Hlomuka kanye…
LISATSHISWA NGOKUSOCONGWA IKHANSELA LASE ALFRED DUMA
Lihlalele ovalweni ikhansela laku ward 28 kumaspala iAlfred Duma ngemumva kokuthola izinsongo zokubulawa. UBhekokwakhe Majola ongukhansela waku ward 28 uthi kunomlisa ohambe wayobhala enkundleni yokuxhumana u Facebook ukuthi uzobulala yena nomndeni wakhe….
IDLULE NOMPHEFUMULO WOYEDWA INGOZI YEMOTO ETHOLENI.
Isiphihli sengozi eyenzeke endaweni yaseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala -Alfred Duma sidlule nomphefumulo womuntu oyedwa. Lengozi okubikwa ukuthi yenzeke ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu, idalwe wukuphaphalaza kwemoto yohlobo lwe-Avanza emhlophe okuthiwa iphaphalaze yaze…
UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOMNTWANA ONYAMALALE EGCEKENI
Umndeni wakwaQwabe Eweenen esigodini saseGomba ngaphansi kukaMaspala iLangalibalele ucela ukufuniswa umntwana wentombazane odukile. ngokusho kwelinye lelunga lekomidi elimele umphakathi walendawo uthi lomntwana uduke ngezikhathi zantambama ngezithuba zehora lesine. Lentombazanyana eneminyaka emibili nje…
KUKHUZWE INKOLELOZE NGEZAGUGA EMAKHASI
Ongoti kanye nosonhlalakahle bahambele eSacred Heart Roman Catholic Mission eMakhasi ngenhloso yokubungaza nokufundisa kabanzi ngesifo sokukhohlwa iDementia. Ngokocwaningo lesi isifo sokukhohlwa esidalwa yiAlzheimer, sihlasela kakhulu abantu asebekhulile abasukela eminyakeni engamashumi amahlanu kuya…
BAZISWE NGEMIKHAKHA EYAHLUKENE ABAFUNDI E UITVAAL
Umnyango wezokuthutha kuzwelonke oholwa uNgqongqoshe uNkk Sindisiwe Chikunga, izolo ubunesithangami sokucobelelana ngolwazi nabafundi bezikole ezahlukene endaweni yase Uitvaal. Abafundi abangaphezulu kwezinkulungwane ezimbili (2000) abasuka ezikoleni ezihlukene eUitvaal bahlanganele enkundleni yezemidlala e Uitvaal…
UBUYELE EKHAYA UHLOMUKA EYOSHUMAYELA IZWI LIKA KHONGOLOSE
uNgqongqoshe wezokuThutha nokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka oyiphini likanobhala we African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ehambisana nobuholi base baseJosiah Gumede Region bahambele indawo yase Ward 15 endaweni yase Mbuzweni. uHlomuka uthi…
IDLULE NOPHAHLA LWESIKOLE INKANYAMBA EMTSHEZI
Bazofunda bebuka isibhakabhaka abafundi besikole samabanga aphezulu eMtshezi endaweni yase Ntabamhlophe. Isikole iMtshezi high School isale ingenalo uphahla emva kwesishingishane esihlasele lendawo ngezithuba zantambama izolo.Izindawo ezakhele UMtshezi kanye nezinye izinxenye zaseBergville zithintekile…