Njengamanje umgwaqo we-N3 Toll Route uvaliwe eningizimu yeWilge Toll Plaza ngaseVilliers eFree State ngenxa yomlilo wequbula. Lo mlilo ubangele ukuthi kubhebhetheke intuthu emgwaqeni wonke, okudale ukuthi abantu bangabonakali kahle kanye nezimo zokushayela…
Category: Izindaba Zomphakathi
KUDUTSHULWE IBHUNGU(20) KUDUNWA IMOTO EMLAZI
Abezimo zokuphepha baphuthume elokishini laseMlazi endaweni yesigameko lapho kudutshulwe khona umuntu oyedwa esigamekweni sokudunwa kwemoto ngezithuba zabehora lesikhombisa ekuseni namuhla. Ngesikhathi amaphoyisa e-SAPS, Metro Police, kanye nezikhulu zomkhondo zithungatha imoto nesisulu, abezimo…
KUBOSHWE ABABILI BOKUFIKA KUTHOLAKALA IZIDAKAMIZWA EZINGABIZA UR2 MILLION ETHEKWINI
Amaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit, olugxile ebugebengwini obuhlobene nezidakamizwa, abophe amadoda amabili ngokutholakala nokudayisa izidakamizwa ezigamekweni ezehlukene ngoLwesibili, zingama-27 kuNcwaba wezi-2024. Esigamekweni sokuqala amaphoyisa alunywe indlebe ngomlisa odayisa izidakamizwa eMbilo. Bathole…
ABUNGAZE USUKU LOKUZALWA LOMTWANA NABANTWANA AMAKHANSELA ASEDRIEFONTEIN EMNAMBITHI
Lubungazwe amakhansela angaphansi kwe Driefontein usuku lokuzalwa komholi nomsunguli weqembu lenkatha Freedom Party uMntwaana Mangosuthu Buthelezi esikoleni sase Ngula namhlanje. Kulomcimbi bekukhona uMs Phumzile Mabizela wakwa Statistics south africa ngaphansi koThukela, uSomlomo…
UMASIPALA WASEBAQULUSINI UKHALA NGOKUDEDELWA KWESIKHULU SOMKHANDLU ESISOLAKALA EKWEBIWENI KWAMAKHEBULI
UMasipala waseBaqulusi uzwakalise ukukhathazeka ngokuphathwa kwecala lokwebiwa kwamakhebula elithinta isikhulu sikamasipala nosomabhizinisi oqavile eVryheid. Ngesonto eledlule, amaphoyisa athole izintambo ezebiwe komunye wemizi yabasolwa, ngemuva kweminyaka emibili enyamalele. Umasipala uvule amacala angaphezu kweshumi…
KUBOSHWE ABOKUFIKA KULELI ABANGAPHEZU KUKA-100 ENKABENI YETHEKU
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal agasele endaweni yasePhoyinti eThekwini ngoLwesibili ekuseni.Sekuqinisekisiwe ukuthi bangaphezu kuka-100 abantu bangaphandle abasolwa ngokuba ngabokufika ababoshiwe. Iningi belihlala emabhilidini okuthiwa aduniwe kule ndawo. Lo mkhankaso ubuhlose ukubhekana nezindaba eziphathelene nezibhamu ezingekho…
BAZOPHENYWA ABADAYISA IZINDLU ZOMXHASO – MMAMOLOKO KUBAYI
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uthi sekuqalwe uphenyo mayelana nokudayiswa nobunikazi bezindlu zomxhaso.UKubayi ubikele abezindaba ngezinhlelo nentuthuko emkhakheni wezokuhlaliswa kwabantu ePitoli ngoMsombuluko. “Ngicele ithimba labameli emnyangweni ukuthi lisebenzisane nezinkampani zabameli kanye nophenyo…
UZOVELA ENKANTOLO OWESIFAZANE WASENYUKHASELA OQAMBE AMANGA WATHI UTHUNJIWE EBE ENCEBELEKA NESOKA
Owesifazane waseThekwini kanye nomsolwa athandana naye bazovela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesibili ngezinsolo zokuqamba amanga ngokuthunjwa. Ngesonto eledlule lo wesifazane kubikwa ukuthi watshela umyeni wakhe ukuthi udunwe imoto wabe esevalelwa ebhuthini yemoto yakhe…
KUXWAYISWA NGEMILILO YEQUBUKA ELINDELEKE NAMUHLA E-KZN
I-SA Weather Service isikhiphe isexwayiso mayelana nezimo eziyingozi kakhulu zomlilo ezindaweni eziningi e-KZN ngoLwesibili.I-KZN Cogta ithi amathimba abhekelele izinhlekelele aqaphile. Lesi sexwayiso sikhombisa ukuthi iKZN izoba nezimo ezomile nezishisayo namuhla, okuzonyusa amathuba…
ALIYI NDAWO ITHALA BANK
Emva kwemiphiko ekhathaze amakhasimende amaningi ebhange labantu iThala , uNgqongqoshe wokuthuthukiswa komnotho nezokuvakasha kulesifundazwe uMfu Musa Zondi ehambisana nabaphathi bebhange babe nesithangami nabezindaba eThekwini. Izikhulu eziphezuli zithi ibhange lizoqhubeka lisebenze njengojwayelekile azikho…
ISOLILO KUMISWA AMABHASI EMNAMBITHI
Bayakhala abagibeli bamabhasi akwa BTI ezingxenyeni zasemnambithi kuqubuka imibiko yokumiswa kokuhamba kwawo. Kubikwa ukuthi abamboni yamatekisi eMnamnithi isithathe isinqumo sokuba kuvalwe ukuhamba kwenkampani yamabhasi uBTI kweminye imizila ngoba kuthiwa lamabhasi asemaningi kakhulu….
AMAPHOYISA ADUBULE OWOKUFIKA KULELI OBEFUNWA UTHULI E-KZN
Uyalulama esibhedlela eRichards Bay osolwa ngokubulala egadwe ngamaphoyisa ngemuva kokulimala ngesikhathi sokudubulana.Ingxabano namaphoyisa yenzeke ngeSonto eMadlankala Esikhaleni. Iziphathimandla zithi lo wesilisa, 52, ongowokufika, ubefunwa uthuli ngecala lokubulala elenzeka endaweni ngonyaka odlule. Okhulumela…