Lubungazwe amakhansela angaphansi kwe Driefontein usuku lokuzalwa komholi nomsunguli weqembu lenkatha Freedom Party uMntwaana Mangosuthu Buthelezi esikoleni sase Ngula namhlanje.
Kulomcimbi bekukhona uMs Phumzile Mabizela wakwa Statistics south africa ngaphansi koThukela, uSomlomo kwamaspala Alfred Duma Mnu BP Sithole, ukhansela Mli Msimango ungusobaba waka ward 18 lapho umcimbi bewukhona, ukhansela Xolani Kubheka wakwa ward 15,ukhansela Zikalala ongusihlalo kwikomiti lesikole, ukhansela Ntuthuko Thomas Thabede ongusihlalo wentsha eMnambithi wonke nongumhleli walomcimbi obudle ngamancoko yize bekunomoya. uMnu Goba ongumsunguli wenkampani yezincathulo okuyi Esethu Shoe.
Ethula inkulumo yokwamukela ukhansela Msimango uthathe wathi lolusuku kuye njengosobaba wendawo uyabonga kakhulu ukuba kukhethwe isikole saseNgula kuzoba isona esiba indawo yokuhlanganela, nokuba khona nje kwezikhulumi ukuzokwakha abafundi ngamazwi akhaya kuzoba khulisa abanye kakhulu.
Sodolobha waku maspala wase Alfred Duma Local Municipality ukhansela Bhekinkosi Petros Sithole uthe kuyamjabulisa kakhulu ukuhambela isikole saseNgula namhlanje kuzoba nje nethuba lokukhuluma nabafundi ngokubaluleka kokuzazi ukuba ufuna ini empilweni, wagcizelela kuba abantwana mabafunde bazinike iskhathi esanele kubhekana nezincwadi zabo besenethuba.
Umhleli womcimbi nongusihlalo wentsha eqenjini lenkatha eMnambithi ukhansela Ntuthuko Thomas Thabede uthe lolu usuku kuye olumkhumbuza lapho asuka khona ngomntwana wakwaPhindangene eseyakhothama umntwana Mangosuthu Buthelezi ukuthi wayebathanda abantu enikela emphakathini ngezinto eziphathekayo nangesikhathi sakhe nje ukulalela izimvo zabantu.
Wathi lolusuku kuye ukhethe ukuzopha izingane izicathulo njengesipho asidlulisela kubafundi ngokukhumbula umntwana wakwaPhindangene namhlanje.
Ngabafundi abawu 30 abathole izicathulo namhlanje zidluliselwa kubo njengesipho.
Ukhansela Thabede uphethe ngokuthi ubonga bonke abantu abakhathalela umphakathi ngokunikela kuze kuqhubeke izinhlelo zokusiza umphakathi, wakhuza kakhulu ukudlebeleka kwezingane ezikoleni kuba zikugweme kakhulu umuntu azi kuba yini ayisukele ekhaya lakhe akhohlwe ngabangani ngoba isikhathi sifishane.
“nginxusa kuba umphakathi wakithi owakhele indawo yase Alfred Duma sibambisane kuhlanganiseni izinto ezithinta kakhulu intsha nokwenza nje imikhankaso eminingi kufundisa izingane ngokuziqoqa ukugwema ukukhulelwa nokudla izidakamizwa zisencane, sisonke nje kungakhathelekile kuba ukuliphi iqembu lezombusazwe masilwisane nesihlava sokulahleka kwezingane amadidakazi, izingane zethu namadodana kanye nabadala bethu batholakale sebebulewe mubi lomkhuba “