Uyalulama esibhedlela eRichards Bay osolwa ngokubulala egadwe ngamaphoyisa ngemuva kokulimala ngesikhathi sokudubulana.Ingxabano namaphoyisa yenzeke ngeSonto eMadlankala Esikhaleni. Iziphathimandla zithi lo wesilisa, 52, ongowokufika, ubefunwa uthuli ngecala lokubulala elenzeka endaweni ngonyaka odlule. Okhulumela…
Category: Izindaba Zomphakathi
ISILO SIFUNA KUBUYISELWE IBHANGE ITHALA IMVUME YOKUSEBENZA
Inkosi yaMaZulu uMisuzulu KaZwelithini ithi ukumiswa kwelayisensi yeBhange iThala kuzophazamisa izinkulungwane zabantu eKZN nasezimpilweni zabo.IFinancial Sector Conduct Authority ithi ibhange likahulumeni belingaphansi kweso elibukhali njengoba lehlulekile ukuhlangabezana nezidingo zezimali. I-FSCA ithi i-solvency…
KUGWAZWE KWABULAWA UMHLENGIKAZI ESIGCEMENI SAKWA-C EZAKHENI
Namanje usamangele umphakathi waseZakheni esigcemeni sakwa-C elokishini laseZakheni eMnambithi emva kokuba kutholakale isidumbu sowesifazane endlini lapho eqhashe khona kuyo lendawo ngesonto ekuseni. Lona wesifazane okuthiwa ungumhlengikazi khona eMtholampilo wakulendawo, utholakale enamanxeba okugwazwa….
BABULAWE MAQEDE BAPHAKELWA IZINGULUBE ABESIFAZANE ELIMPOPO
Ayikakholwa namanje emindeni yabesifazane abadutshulwe baphoswa ezingulubeni eplazini lezigngulube iSebayeng. UMaria Makgato kanye noKudzai Ndlovu okwakubikwe ukuthi badukile, bathilakale badutshuliwe babulawa eplazini ngesonto eledlule izinsalela zemizimba yabo zatholakala lapho kuvalelwa khona izingulube….
KUVUNDULULWE IZINHLOKOHLELA ZEZIBHAMU EMSINGA
Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK47 ngesikhathi ebamba abasolwa ngaseGreytown, eMidlands.Ithimba leSAPS National Deployment Team litheleke eMsinga ngoLwesihlanu ekuseni. Okhulumela iKZN uSiyabonga Nkwanyana uthe abasolwa baboshwe ngesikhathi amaphoyisa ethungatha izibhamu ezingekho emthethweni….
INKANTOLO YASEZAKHENI IGWEBE UDILIKA JELE ABALISA ABABILI ABASOLWA NGOKUBULA
Abesilisa ababili baseKZN sebeqalile ukudonsa odilikajele ngamacala okubulala, ukuthumba nokubamba inkunzi eMnambithi.USaneliso Tshabalala noLungani Ngwenya bagwetshwe eNkantolo yesiFunda Ezakheni kuleli sonto. Basolwa ngokugqekeza umuzi kule ndawo ngoMashi nyakenye. Bagebenga amadoda amabili ngaphambi…
KUSHONE ABANE KUSHA IBHILIDI EGOLI EJEPPESTOWN EGOLI
Kushone abantu abane ngesikhathi kusha ibhilidi eJeppestown, eGoli.Izikhulu ze-EMS zedolobha laseGoli zithi izicishamlilo ziphendule lesi sigameko ezintatha zanamuhla. Lo mlilo uqubuke kwelinye lamabhilidi akuleli dolobha abeseshiywe dengwane lapho kutholwe khona abantu abathathu…
LISENETHEMBA LOKUTHI IZOLUNGA INKINGA YAMANZI IKHANSELA LAKWAHLATHI
Ikhansela lasendaweni yakwaHlathi Cllr Sizwe Simelane oyiphini lemeya kumaspala wase Alfred Duma uthi ithemba lakhe lonke uselibeke kwithimba lasoThukela. USimelane ube nomhlangano nezikhulu zomkhandlu uThukela ziholwa uMnuz Langelihle Jili ongomunye wabaphathi abakhulu…
YAKHOKHELWA UR5000 INKABI EYADUBULA YABULALA UMNDENI WAKWATHUSI NOWAKWATHWALA EMNAMBITHI
Kuvele ukuthi yakhokhelwa uR5 000 .00 enye yezinkabi ezadubula zabulala imindeni emibili yaseMnambithi ngenyanga kaJune kulonyaka. lezi zindaba zivezwe umkhuzi wamaphoyisa oThukela uJenene JB Khumalo ekhuluma enkonzweni yokwembulwa kwetshe lesikhumbuzo samalungu alemindeni…
ZIZOFA YINDLALA IZINGANE EZIKOLWENI KUSUKA NGOMSOMBULUKO E-KZN
Inhlangano yabaphakela izingane ukudla ezikoleni I- NSNP ithi kungenzeka lume uhlelo lokuphakelwa kwezingane kusukela ngomsombuluko uma bengakhokhelwa imali abakweletwa yona ngumnyango wezemfundo kulesifundazwe. Lenhlangano ikhiphe isitatimende lapho ichaza khona ukuthi lesi sinqumo…
IBALEKISWE NGUKUHLUKUNYEZWA INGODUSO YOWE-IFP OKUBIKWE UKUTHI ILAHLEKILE.
Usekhubhaceni uSimenyiwe Dlomo-Zondo obekuzungeza izithombe zakhe efunwa ngumyeni wakhe uSanele Zondo ongumholi wabantu abasha aphinde abe yilunga lephlamende kwi IFP. USimenyiwe ubebukhoma ekhasini lakhe lika Instagram ube esekhipha izinsolo azibhekise kumyeni wakhe…
KUBULAWE IBHUNGU(20) LISOLWA NGOKUGQEKEZA INDAWO ETHENGISA UTSHWALA
Umndeni kaNothani Njilo (20), umfundi we-Grade 11 eSibalukhulu High School eHlokozi, eHighflats, ukhathazekile ngokushaywa nokubulawa kwakhe okusolwayo. UNjilo ulandwe ngabantu abahamba nenduna yendawo, bemsola ngokuthi ubambe iqhaza ekugqekezweni kwendawo edayisa utshwala. Umndeni…