Kuvele ukuthi yakhokhelwa uR5 000 .00 enye yezinkabi ezadubula zabulala imindeni emibili yaseMnambithi ngenyanga kaJune kulonyaka.
lezi zindaba zivezwe umkhuzi wamaphoyisa oThukela uJenene JB Khumalo ekhuluma enkonzweni yokwembulwa kwetshe lesikhumbuzo samalungu alemindeni okungowakwaThusi nowakwaThwala endaweni yaseNtshele emgwaqeni iHelpmekaar eMnambithi lapho kwenzeka khona lesi sigameko.
UKhumalo, utshele abebehambele lenkonzo ukuthi sebebanjiwe abasolwa ngokugila lomkhuba,”Sesibabambile abasolwa, bonke futhi abakhona lana endaweni. Sithe uma sibahlaba ngemibuzo omunye wabo wakuveza ukuthi wakhokhelwa imali engu-R5000 .00 ukuze abulale lamalungu alemindeni. Waphinde wakuveza ukuthi babeqonde ukubulala umnumzane uThusi nomkakhe kuphela, kanti abantwana babengazi ukuthi nabo bakhona emotweni,” kuchaza uKhumalo.
Lenkonzo ibihlelwe yi-Ayanda Msweli Foundation ibambisene nomaspala wendawo i-Alfred Duma. Imeya yalomaspala uKhansela Zama Sibisi naye ubekhona kulenkonzo. Imeya igcizelele kakhulu ekutheni kuzanywe ukushitsha umlando waseMnambithi, “ngidume kabi njengeMeya yalomaspala ngoba njalo uma kukhulunywa ngawo kukhulunywa kabi. Kumele sikushintshe lokhu, akube ngokokugcina ngci siba nezigameko ezimbi njengalezi,” kuchaza iMeya.