Amaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit, olugxile ebugebengwini obuhlobene nezidakamizwa, abophe amadoda amabili ngokutholakala nokudayisa izidakamizwa ezigamekweni ezehlukene ngoLwesibili, zingama-27 kuNcwaba wezi-2024.
Esigamekweni sokuqala amaphoyisa alunywe indlebe ngomlisa odayisa izidakamizwa eMbilo. Bathole amaphilisi e-heroin angu-900 emotweni yakhe ngesikhathi esesha. Olunye uphenyo luholele emzini womsolwa ku-Sphiwe Zuma Avenue, lapho kutholwe khona amanye amaphilisi e-heroin nempushana. Lezi zidakamizwa zilinganiselwa ezigidini ezimbili zamarandi. Umsolwa, 34, waboshelwa ukutholakala nezidakamizwa, ukudayisa nokuba sezweni ngokungemthetho.
Komunye umkhankaso amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-38 ubudala eBerea emuva kokuthola impushana ye-heroin kuyo. Indlu yakhe eku-Riley Road e-Essenwood yaseshwa, kwaholela ekutholakaleni kwempushana ye-heroin ebiza cishe u-R1 million.
Bobabili abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla, 28 August 2024.