UMasipala waseBaqulusi uzwakalise ukukhathazeka ngokuphathwa kwecala lokwebiwa kwamakhebula elithinta isikhulu sikamasipala nosomabhizinisi oqavile eVryheid. Ngesonto eledlule, amaphoyisa athole izintambo ezebiwe komunye wemizi yabasolwa, ngemuva kweminyaka emibili enyamalele.
Umasipala uvule amacala angaphezu kweshumi okuntshontshwa kwamakhebuli.
Ithi ilahlekelwe yimali ebalelwa ku-R40 million ngenxa yokwebiwa kwamakhebuli.
IMeya yaseBaqulusi, uKhehla Mkhwanazi, ithe bayaxoxisana nabe-SAPS kanye neNational Prosecuting Authority mayelana nezikhalo zabo.
“Sikhulume ngezinto ezisiphatha kabi ikakhulukazi ngoba bobabili abasolwa, umnikazi womuzi nesisebenzi okukhulunywa ngaso, badedelwe engakapheli amahora angu-24.
“Sitshelwa ukuthi awekho amacala abekwe wona. Kusaphenywa kabanzi mayelana nokwebiwa kwamakhebula kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda, okuhlanganisa nama-transformer. Adala ukuphazamiseka okukhulu ekulethweni kwezidingo kubantu.”
Okhulumela amaphoyisa e-KZN, uRobert Netshiunda, uthe udaba lusaphenywa.