Iziphepho ezinamandla KwaZulu-Natal ngoMsombuluko zidale ukunqamuka kukagesi, izingozi zomgwaqo, nomonakalo wempahla. U-Eskom ubike ngokuphazamiseka kwezindawo okubalwa kuzo iCato Ridge, eMpangeni, eHluhluwe, eNkandla, naseStanger. Imizamo yokubuyisela iyaqhubeka, kodwa isimo sezulu esingesihle kanye nenani…
Category: Izindaba Zomphakathi
KUTHUNGATHWA ABALISA ABABULALE INGANE(6) BEPHANGA ITHILOMU LAKWA-McDONALD.
Amaphoyisa aseGauteng aqale umkhankaso wokuthungatha abasolwa abathathu abathinteka esigamekweni sokugetshengwa kwethilomu wakwaMcDonald’s eMeadowdale, eBedfordview, okuholele kabuhlungu ekufeni komfana oneminyaka eyisithupha ngoLwesihlanu ebusuku. Ingane ibinabazali bayo emotweni yabo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Yize…
USEZIPHENDULELE UGATSHENI NGESIGAMEKO SOKUSHAWA NGAMABHODLELA KUKANALEDI KOWEGCOKAMA
Nasi isitatimende sika Gatsheni ngezansi: Angithathe lelithuba ngihalalisele uMthandeni ne Team asebenzisana nayo ngokuhlela umcimbi oseqophelweni eliphezulu kangaka endaweni yasemakhaya. Ngike ngazitshela ukuthi ngizothula ngingaphawuli ngokwenzekile phakathi kwami nosisi omncane uNaledi ngoba…
BANGU 365 000 ABANTU ABASEBENZISE UMNGCELE IBEITBRIDGE UKUNGENA NOKUPHUMA KULELI NGAMAHOLIDI
I-Border Management Authority (BMA) ibike ukuthi bangaphezu kuka 365,000 abanqamule emngceleni waseBeitbridge eMusina, eLimpopo, kusukela ngoDisemba 10, 2023, kuya kuJanuwari 4, 2024. Lokhu kuhlanganisa ukungena kanye nokuphuma kuleli phakathi nesikhathi samaholide. ….
KUBOSHWE OMUNYE UMSOLWA ECALENI LESIGAMEKO SOKUBULAWA KWABANTU(18) ELUSIKISIKI
Umsolwa wesihlanu nongowokugcina esibhicongweni saseLusikisiki uboshiwe. Amaphoyisa ase-Eastern Cape athe umsolwa, 20, ubanjwe esebhasini eQonce, ngesikhathi esendleleni ebheke eKapa ngeSonto. Ukuboshwa kulandela ukuboshwa kwabanye abasolwa abane, abathathu kubo ababoshwa emzini osePort Shepstone…
UZOVELA NAMUHLA OBULALE WANGCWABA OWESIFAZANE ABESEBENZA NAYE
Umlisa omataniswa nokuduka nokubulawa kuka-Ayabonga Mjilo uzovela okokuqala enkantolo yaseThekwini ngoMsombuluko. UMjilo oneminyaka engu-25 uduke ngosuku lukaKhisimusi. Isidumbu sakhe sitholwe ethuneni elingashoni endaweni yaseNanda, enyakatho yeTheku, ngoMgqibelo. Umsolwa obanjwe ngokuduka kwakhe kukholakala…
INHLANGANO YAMATEKISI IKHATHAZEKILE NGENANI LAMATEKISI ABANDAKANYEKE EZINGOZINI NGAMAHOLIDI
Umkhandlu wamatekisi iSantaco uthi ukhathazeke kakhulu ngezigameko zezingozi ezibandakanya amatekisi kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi. NgoMsombuluko, ingozi eyenzeka eNkandla idlule nemiphefumulo yamalungu omndeni ayisishiyagalombili ngesikhathi imoto yawo igingqika. I-Santaco inxuse abashayeli ukuthi baqikelele,…
KUBANJWE UMGULUKUDU WASEZIMBABWE OBUFUNWA UTHULI EMVA KOKWEQA ESITOKISINI
UKhomishana wamaPhoyisa esiFundazweni saseLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, uncome ukusebenzisana phakathi kwethimba leSAPS Sekhukhune Task Team, i-Operation Vala Umgodi Multidisciplinary Team, kanye nonogada abazimele ngokubamba isigelekeqe esiyingozi. ULovemore Musoyi, 32, odabuka eZimbabwe,…
KUBOSHWE OWESILISA(26) NGECALA LOKUBHOZOMELA ADLWENGULE OWESIFAZANE(40) NGONCIBIJANE
Umsolwa oneminyaka engu-26 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yaseGiyani ngoMsombuluko, 6 January 2025, ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-40 ubudala esigodini saseSkhimini. Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuMasingana wezi-2025, ngezithuba zabo-18:00. Lo wesifazane…
KUNXUSWA UKUTHI ABAZALI BESEKE ABANTWANA UMA SEKUPHUMA IMIPHUMELA KAMATIKULETSHENI
Inhlangano yabazali, iKZN Parents Association, inxuse abazali nabaqaphi bezingane ukuthi beseke ngokugcwele abafundi bakamatikuletsheni abalindele ukukhishwa kwemiphumela yezivivinyo zabo. Amamaki okugcina e-NSC azokhishelwa ngomhla ziyi-14 kuMasingana. UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, kulindeleke…
KUBOSHWE ABOKUFIKA(2) BEBANJWA NESILWANYANA SAMANZI OKUTHIWA YI-ABALONE ENGABIZA R4.4 MILLION
Abokufika ababili abaneminyaka engu-34 no-47 baboshwe yiGqeberha Serious Organised Crime Investigation of the Hawks , Dark Water Ops kanye namalungu e-Marine life Environment Control ngokutholakala nesilwanyana sasemanzini i-Abalone kanye nokuba nendawo ekhiqiza…
KUBOSHWE ABASHAYELI ABANGU 7444 EMIGWAQENI YAKULELI NGAMAHOLIDI
Babalelwa ku-7 448 abashayeli bezimoto ababoshwe emigwaqeni yakuleli ngamacala okushayela bephuzile, ukushayela ngesivinini esiphezulu kanye namanye amacala ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.I-Road Traffic Management Corporation ithi izinga eliphezulu lotshwala lokuphefumula elingu-2.47mg/1000ml laqoshwa e-Eastern…