Umsolwa oneminyaka engu-26 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yaseGiyani ngoMsombuluko, 6 January 2025, ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-40 ubudala esigodini saseSkhimini.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuMasingana wezi-2025, ngezithuba zabo-18:00. Lo wesifazane ubehamba emahlathini esendleleni egodukayo ngesikhathi kufika lendoda emaziyo endaweni.
Lomlisa kuthiwa wafika kulona wesifazane wafuna ucansi ngodli, nokwathi uma ethi cha, wamhlasela wamphushela phansi wamdlwengula. Ngemva kokugila lomkhuba wabe esemphelekezela wamhambisa ekhaya.
Owesifazane watshela umndeni wakhe, base bebika icala esiteshini samaphoyisa eGiyani ngalo lolo suku.
Ithimba le-Mopani District Tracking Team lithole futhi labopha umsolwa esigodini saseSkhimini ngoLwesihlanu, 3 January 2025, ngabo-11:30 ekuseni.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe ukuncomile ukuboshwa ngokushesha, wathi kuzokwenziwa ubulungiswa ngesisulu.
Amaphoyisa asaphenya icala.