I-Border Management Authority (BMA) ibike ukuthi bangaphezu kuka 365,000 abanqamule emngceleni waseBeitbridge eMusina, eLimpopo, kusukela ngoDisemba 10, 2023, kuya kuJanuwari 4, 2024. Lokhu kuhlanganisa ukungena kanye nokuphuma kuleli phakathi nesikhathi samaholide. . NgoLwesihlanu, ngoJanuwari 5, kuphela, abantu abangu-9,500 bangene eNingizimu Afrika bedlula eBeitbridge, ngokusho kokhulumela iBMA uMmmemme Mogotsi.
Uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, ukunyakaza okurekhodiwe kwehle kusuka ku 416,000 kuya ku 365,000, kanti iBeitbridge isalokhu iyisango lomngcele elimatasatasa lokungena ezweni ngalesi sikhathi sonyaka. UMogotsi uthe lokhu kudalwa wukuphazamiseka kwamanye amachweba afana neLebombo ngenxa yezimpi zombango eMozambique.
I-BMA ibhekene nezinselelo ekulawuleni ezokuphepha emngceleni. UMogotsi uveze ukuthi lenhlangano idinga R4.5 billion kanye nabasebenzi abengeziwe abangu-11,000 ukuze kuqhubeke kahle ukusebenza kwaso ngokugcwele. Naphezu kwezinsiza ezilinganiselwe, i-BMA isebenzise ama-drones abolekwe eMnyangweni Wezolimo ukuze iqaphe ukunyakaza okungekho emthethweni ezindaweni ezinhlanu zemingcele. Lawa ma-drones asize ukuthola kanye nokunqanda ukuwela okungagunyaziwe eemnv\celeni wakuleli.