Umsolwa wesihlanu nongowokugcina esibhicongweni saseLusikisiki uboshiwe.
Amaphoyisa ase-Eastern Cape athe umsolwa, 20, ubanjwe esebhasini eQonce, ngesikhathi esendleleni ebheke eKapa ngeSonto.
Ukuboshwa kulandela ukuboshwa kwabanye abasolwa abane, abathathu kubo ababoshwa emzini osePort Shepstone ngo-Okthoba nyakenye. Umsolwa wesine uzinikele emaphoyiseni.
Iqembu kukholakala ukuthi yilo elithinteka isigamekweni sokudubula esidlule nemiphefumulo yamalungu angu-18 emizini emibili esigodini saseNyathi, eNgobozana, ngoSepthemba.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uSiphokazi Mawisa uthe umsolwa oneminyaka engu-20 uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLusikisiki ngoMsombuluko.
“Ngesikhathi besesha ibhasi, bathole owesilisa, 20, okunguye yedwa umsolwa osagayelwe esigamekweni sokudubula abantu abaningi eLusikisiki. Uboshwe ngokushesha kanti uzothweswa icala ngokufanele.”