Abokufika ababili abaneminyaka engu-34 no-47 baboshwe yiGqeberha Serious Organised Crime Investigation of the Hawks , Dark Water Ops kanye namalungu e-Marine life Environment Control ngokutholakala nesilwanyana sasemanzini i-Abalone kanye nokuba nendawo ekhiqiza lesi silwanyana ngokungemthetho.
Ithimba lamaphoyisa lithole ulwazi mayelana nemboni ethile engekho emthethweni esebenza ukukhiqiza i-abalone elokishini i-Neave eGqeberha mhla zi-2 kuMasingana 2025. Ithimba lanikela khona ngokushesha, lifika endaweni eshiwo ngenhla, lathola abantu ababili bangaphandle bematasa belungisa futhi behlela ngendlela efanele i-abalone. Ngaphakathi emagcekeni kwashaqwa ama-abalone angu-10510 amanzi futhi omile anesisindo esingamakhilogremu angu-1061 zenani elingaphezu kwezigidi ezingu-R4.4.
Imishini okwakuyi-16x Black tuds egcwele i-abalone emanzi, amabhodwe okupheka amabili, isikali esisodwa, amathangi angu-8 kagesi, abanye abasebenzi abangu -13i nokunye okuningi.
Abasolwa baboshwe khona lapho bathweswe icala lokukhiqiza nokushushumbisa lesi silwanyana. Bobabili abasolwa bazovela ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yaseNew Bright ngomhlaka-6 Januwari 2025.
IBamba leNhloko yesiFundazwe yoKlebe uBrigadier Fernando Luis uzwakalise ukubonga kwakhe eqenjini elihlanganyelwe ngokuvundulula ngempumelelo isitshalo se-abalone esiyimfihlo kanye nokuboshwa kwabasolwa ngokwephula uMthetho Wezinsiza Eziphila Emanzini, we-18 ka-1998.