Nasi isitatimende sika Gatsheni ngezansi:
Angithathe lelithuba ngihalalisele uMthandeni ne Team asebenzisana nayo ngokuhlela umcimbi oseqophelweni eliphezulu kangaka endaweni yasemakhaya.
Ngike ngazitshela ukuthi ngizothula ngingaphawuli ngokwenzekile phakathi kwami nosisi omncane uNaledi ngoba ngiyakholelwa ekutheni kuningi okuhle okwenzeke kule event obekumele ku-trende ngempela.
Uma uwumuntu kubalulekile ukuthi ube nento ebizwa “Emotional intelligence “, lokhu kusho ukungalawulwa ama “emotions” noma imizwa. Iyona ke into mina ne team yami esiyenzile e-stage, ukuzibamba noma uzwa ukuthi kufanele ngabe kukhona engikwenzayo manje.
Yini ecasule abantu kangaka, umbuzo lowo fanele ngabe siyawubuza?
Abantu bacasulwe ukubona umculi abamthandayo, edelelwa intokazi esencane. Isiklaya nje phakathi sizinzizwa, isedlula nje sengathi ayisiboni.
La emhlabeni you get what you give. Uma usipha inhlonipho, uzohlonishwa.
I- Team ka Mthandeni yenze konke okusemandleni ukwenza lomcimbi ungabi nogcobho, futhi ube muhle kakhulu. Sibone uMthandeni engena e-stage no Mahoo, Lwa, no Nomcebo (Umlando).
Sibone uMthandeni eshintsha izimpanhla (outfit) kaningi ku event eyodwa!
Nakuba kuwu January kodwa le event ibigcwele phama!!
O-Stage manager kubalulekile ukuthi ekuhambeni kwesikhathi benze i-course okuthiwa i-Project management. Kufanele bebe abantu abakwaziyo ukuthatha izinqumo fast, be underpressure ngaphandle kokusebenzisa ama emotions! Umphakathi kumele ungaboni nanoma sekukhona inkinga ekhona since lama event asuke edlala bukhoma nasezinkundleni zokuxhumana. Nama potential sponsors asuke ebhekile.
Ngiyabonga futhi nakuMasondo ngokukwazi ukulawula isimo, wavele wanika abantu into abayifunayo (umalume), ngempela lwabuya uzinzo emcimbini. .
Angihambisani nokuphoswa kwamabhodlela estage nokulinyazwa kwe equipment yokusebenza nama artist.
Kuvamile ukuthi emcimbini ofana nalona izikhathi zigcina sezixovene, siyaku understand lokho njengama artists. Nami njengeciko ngiyafisa ukuthi ngidlale ngesikhathi engisuke nginikwe sona. Akumnandi ukuma emva kwe-stage ama hours ulinde ukudlala kwesinye isikhathi ugcina ungasadlalanga.
Angiyithandi lento eyenziwa ngabantu yokuthi benze sengathi mina angizwani no Mthandeni, thina si-right and okwenzekile estage has nothing to do ngoMthandeni or Masondo. Ngiyawahlonipha amagalelo ka Mathandeni njenge artists.
Ngicabanga ukuthi i-Management ka Naledi ibizama ukuziveza ukuthi inamandla kangakanani kanti ngeke kuhambe ngendlela kade befisa ngayo.
Kwanami bengisamangele ukuthi ngempela kumele ngi-react kanjani kulesiyasimo sokudeleleka kanjena. Mlampe bengiyigcina ngisuswe ama bouncer ngempela estage.
Noma ngabe bekuyisikhathi sabo, bese kumele ngempela bengihloniphe njenge artist ebese livele lisebenza e-stage. Inkani iyasebenza kodwa inabantu bayo ebasebezelayo, thina abanye nje asizami nokuzama ukudla umzila ngoba inkani ayikaze yasisebenzela.
Ngiyafisa ukuhlangana no Naledi, ne Team asebenzisana nayo… kubalulekile ukuthi siligeze igama lakhe in public ukuze engeke esabe ukusebenza namabhinca nakusasa.
I-thalente kumele lihambe nenhlonipho, nokumazi omunye umuntu ngaso sonke isikhathi.
Uma i-event yenzeka live kumele bakwethu sibahlophe abalandeli, ezinye izinto kumele zilungiswe ngasese hhay phambi kwezihlwele naphambi kwama sponsors! Akudingeki ukuthi uze uye eskoleni uku understand ukuthi Mthandeni Summmer Expirience is a serious project!!