Inhlangano yabazali, iKZN Parents Association, inxuse abazali nabaqaphi bezingane ukuthi beseke ngokugcwele abafundi bakamatikuletsheni abalindele ukukhishwa kwemiphumela yezivivinyo zabo. Amamaki okugcina e-NSC azokhishelwa ngomhla ziyi-14 kuMasingana.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, kulindeleke ukuthi amemezele imiphumela kazwelonke ngezi-13.
Ngo-2023, abafundi bakamatikuletsheni bathole irekhodi lokuphasa ngama-82.9%.
UMnuz Vee Gani walo soseshini unxuse abazali ukuthi beseke izingane zabo futhi basingathe lesi simo ngendlela ebucayi uma umphumela ungeyona into abebeyilindele.
“Abazali ababe necebo lokuthi kuzokwenzekani uma umtwana engaphasanga. Yenzani amasu nabo ukuthi yiziphi izindlela ezingasetshenziswa. Ungadangali kuze kube yilapho izingane zikhungatheka futhi zidunyazwe ngomphumela wazo, ngoba zizizwa zingelutho nhlobo.
“Uma sebezamile benza obekufanele bakwenze manje sekumele ubheke ukuthi yini esingayenza ukushintsha isimo.