Simangaze abaningi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sichitha izindaba zokuthi sizobe siyingxenye yomgubho yeminyaka wekhulu neshumi wokukhumbula iSilo esesakhothama uDinuzulu kaCetshwayo. Emva kokusabalala kweVideo kaNdunakulu waKwaZulu-Natali uNkosikazi Nomsa Dube Ncube echaza kabanzi ngalomgubho ohlelelwe…
KWENGEZWE AMANYE AMACALA KWABASOLWA KWELOKUBULAWA KUKA-AKA
NgoLwesithathu ekuseni kuvele okusha ecaleni lokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes noTebello Motsoane. Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa abasolwa ngokwenza lesi sigameko kuFlorida Road ngonyaka odlule bavele okwesibili enkantolo yaseThekwini. Laba bavele kafushane enkantolo namuhla….
ICHIEFS ITHOLE IGOLI LOKUQALA NGQA KULONYAKA
Iqembu leKaizer Chiefs izolo ebusuku likwazile ukuthi libuyise isithunzi salo ngokuthi lishaye Golden Arrows ngegoli elilodwa eqandeni. Igoli elishaywe phakathi umfana omcane obeqala futhi Ukudlala izolo uWandile Duba iChiefs bayaqala ukunqoba kulonyaka…
KUSHONE INGANE ISHAYISWE YIMOTO ELOSKOP.
Umfanyana oneminyaka emihlanu ushayiswe yimoto washona kuLoskop Road eMtshezi izolo ntambama. Umbiko uveza ukuthi lengane ibizama ukuwela umgwaqo kanti kunemoto ezayo yayishayisa yashona khona lapho. Amalunga omphakathi, amaphoyisa Kanye nabosizo lokuqala bafikile…
AMALUNGU EPHALAMENDE ACHITHE EYOKUVALWA KWEMIFANISWANO EZIKOLENI ZAKULELI
Amalungu ePhalamende athi awafuni kuqedwe imifaniswano yesikole. Lokhu kuvele ngesikhathi bezwakalisa ukweseka inqubomgomo yomfaniswano oyimpoqo. Amalungu ekomidi lesikhundla semfundo eyisisekelo ePhalamende abephendula izethulo zeKhomishana Yamalungelo Abantu YaseNingizimu Afrika (i-SAHRC) ebibuza ngesidingo semifaniswano…
SANDA NGOKUSHESHA ISIBALO SABATHELELEKA NGOPHENYANE ETHEKWINI
ITheku libhekene nokwanda kwezigameko kwesifo sophenyano njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi bangaphezu kuka-1 000 abantu abanalesi sifo. UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal weluleka abantu ukuthi bahlanzeke ukuze bagweme ukwanda kwalesi sifo. EThekwini zingu-1,040 izigameko, kwavela ezinye…
KUBOSHWE OWESIFAZANE OSHIYE INGANE YODWA WAYOPHUZA YASALA YADLWENGULWA
Izakhamuzi zaseMpophomeni ezidinwe zigane unwabu zisamile kwelokuthi umama oshiye ingane encane ekhaya wayophuza ethaveni naye kumele abekwe icala kulandela isigameko esinyantisa igazi sokudlwengulwa kwengane enezinyanga ezingu-19 kwashiswa nomuzi. Omakhelwane babone ilangabi lomlilo,…
AMEHLO ATHE NJO KWEYOMKHAYA NAMUHLA KWI DSTV PREMIERSHIP
Ziyobe zibulalana namuhla eDHL Stadium ligamenxe elesikhombisa kowe Dstv premiership phakathi kweCape Town City Kanye neStallenbosch United kubangwa ukuthi ngampela ubani owenza Iwayini elimnandi phakathi kwalezi zinkunzi zaseKapa. Zigcina ukubhekana lezi zizinkunzi…
AKASEKHO EMHLABENI U-DR MNANDI
Akasekho emhlabeni uSimphiwe Mkhonza obedume ngelika “Dr Mnandi” owangumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, Golden Arrows neBloemfontein Celtic, emva kokuhlatshwa wukugula isikhashana. USMkhonza uqale ukubonakala ebholeni elikhokhelayo kuleli ngo-1999 ngemuva kokunikezwa ithuba yiBloemfontein Celtic….
BASABISA NGOKUVULELA ISIBHAXU ABASEMATIWANE NGODABA LOMGWAQO U-N11
Sekungusuku lwesibili umphakathi waseMatiwane kanye nowaseJonono othukuthele uvale isango lenkampani I Raubex eyakha umgwaqo uN11 maduzane nedolobha uMnambithi. Lomphakathi uthi ufuna izimpendulo ngedlela ekuqhashwa ngayo nokuthi kungani inkampani elungisa lomgwaqo uSanral ungafuni…
ABANTWANA BAKULELI BAKHULUPHELE NGENDLELA ENGEMUKELEKILE KWEZEMPILO – UCWANINGO
Njengoba umhlaba ubugubha iWorld Obesity Day izolo, iSouth Africa’s Heart and Stroke Foundation ithe ukukhuluphala kuyinkinga enkulu ezweni. Inhlangano ithe cishe u-65% wabesifazane kanye no-30% wabesilisa bathathwa njengabantu abakhuluphele noma abakhuluphele kakhulu(Obese)…
I-NSFAS IQINISEKISE UKUKHOKHELWA NGESIKHATHI KWABAFUNDI KULONYAKA
INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isiqinisekise abazohlomula ukuthi imali abayithola nyanga zonke, izibonelelo zezincwadi kanye nezimali zokuhlala ngeke zibambezeleke. Ngonyaka odlule izinkulungwane zabafundi basemanyuvesi amaningi nasemakolishi e-T-Vet zasala dengwane ngenxa yokwehluleka…