Amarekhodi asebhange nawezingcingo asesetshenziswe njengobufakazi enkantolo akhombisa ukuthi umrepha owabulawa uKiernan “AKA” Forbes walandelwa esikhumulweni sezindiza ngosuku abulawa ngalo. U-AKA wadutshulwa wabulawa ngoFebhuwari nyakenye nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane emgwaqeni ophithizelayo waseThekwini,…
KWEMBULWA KWEMBESWA EMAQENJINI AKWAZULU NATALI KULESIZINI
Emva kwesizini edlule lapho sibone kahe khona amaqembu asesifundazweni saKwazulu Natali enza kancono futhi lenyuka inani lawo adlal esigabeni esiphezulu ebholeni lakuleli, kubukeka engathi kulesizini ka 2023/2024 kuzoba nzima kakhulu. Iqembu laKwaZulu-Natal…
LUZOPHENYWA UMNYANGO UDABA LWEVIDEO EKHOMBISA UTHISHA NOMFUNDI BEBAMBENE NGAMANKOMANE
UMnyango wezeMfundo eGauteng usuqale uphenyo mayelana nempi phakathi kukathisha nomfundi waseGlenvista High School eGoli. UMnyango uthe lesi sigameko, i-video yaso esabalale ezinkundleni zokuxhumana, senzeke ngoLwesine. Le vidiyo ikhombisa laba ababili belwa kanzima…
IZONGENISA UMNOTHO IPRINCE MANGOSUTHU ULTRA MARATHON EMZINYATHI
Linyukile izinga lomjaho wokuhlonipha ingqalabutho uMntwana waKwaPhindangene ongasekho njengoba kungokokuqala ukuba iPrince Mangosuthu Ultra Marathon igijinywe engasekho. Namuhlanje lomjaho usuka endaweni yase Dundee uya eNquthu kulindeke abagijimi abangaphezulu kuka-2000. UMhlonishwa Meya wesiFunda…
AZENEME EZINYE IZAKHAMIZI NGOTHOLE UXHASO LWEZINKOMO EZINGU 262 ETHALA BANK
Izakhamizi zasePlazini iVezukukhanya endaweni yase Bhoweni eBergville bawotha ubovu njengoba besola uMnumzane Mbali Makhubo wasebenzisa ubuqili ukuze athole uxhaso ebhange iThala nase Mnyangweni wezokuthuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal. Usihlalo we komidi labahlali bakuleli plazi…
UNGENISWE ETHEATER UZANELE MBOKAZI
UZanele Mbokazi ngumsakazi wohlelo “Eshilo” OKhoziniFM uphumela obala ngokugula kwakhe esemsebenzini ngeviki eledlule wacela abazalwane ukuba bamkhulekise. Izolo ube esengeniswa eTheater esibhedlela abelokhu elaliswe kusona esingadalulwanga nokuyilapho aqale wavakashelwa ngabafundisi abahlukene esingabala…
UYA NGOKWELULAMA UL’VOVO DERANGO KWISIFO SOHLANGOTHI
UThokozani ‘L’vovo Derrango’ Ndlovu (44) usebuyile futhi useyaqhashwa ukuze acule emicimbini eyehlukahlukene. Lomculi woduma lwengoma ethi bayangsukela, waphathwa yisifo sohlangotho emva kokucula kweminye imincimbi ngoDisemba ka 2022. Wabuyela kancane ekuculeni umculo kodwa…
IMEYA YASOKHAHLAMBA IHLELA UKUNWEBA IDOLOBHA LASEBERGVILLE
Imeya kamaspala uKhahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa utshele abezindaba ukuthi banezingxoxo nomunye umnikazi we Plazi elise duze nedolobha ngenhloso yokuthi alidayisele umaspala wasoKhahlamba. Uthi inhloso yokuthenga leli Plazi ukwakha kabusha idolobha lase Bergville…
SIPHINDE SAHLEHLA ISICELA SEBHEYILI SOSOLWA NGOKUDLWENGULA INDODAKAZI YAKHE EBERGVILLE
SIPHINDE SAHLEHLA ISICELO SEBHEYILI SOWADLWENGULA INDODAKAZI YAKHE EBERGVILLE. UMlungisi Hlongwane ongubaba weNkosi yaMangwane uNontobeko Hlongwane uvele enkantolo yaseBergville osukwini lanamuhla ngecala lokudlwengula. UMlungisi usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe ephindelela kusukela ngenyanga kaZibandlela nyakenye…
INKATHA ITHI IGEJA LILINGENE ABALIMI MHLAKA 29 MAY
Iqembu i-Nkatha Freedom Party (IFP) libungaze usuku lwabasebenzi eNewcastle kwazulu-Natal. Umhlaba wonke ububungaza lolusuku lwabasebenzi. Amalunga eNkatha angabasebenzi atshele iphini likamengameli iNkosi uMzamo Buthelezi ukuthi izimo abasebenza ngaphansi kwazo azigculisi futhi nemiholo…
KUBOSHWE OWAKWAZULU-NATALI KUBULAWA USIHLALO WAMA-METER TAXI EPITOLI
Umsolwa oneminyaka engu-30 ubudala waseNanda KwaZulu-Natal uboshwe ngokushesha ngemuva kwezinsolo zokudubula abulale usihlalo wenhlangano yama-meter taxi ePretoria Central ngoLwesibili ebusuku. Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa utholwe nesi sibhamu okukholakala ukuthi yisona esasetshenziswa ekubulaleni. Okhulumela…
UNOMVETE USEZOLINGISA KUZALO
Owangumgadli weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uSiyabonga “Bhele” Nomvete, usezolingisa emdlalweni weSABC 1, uZalo. UNomvete uzakhele igama kuMakhosi lapho efike khona evela kwi-African Wanderers ngo-1998. Ukudlala kahle kwakhe kwiChiefs nakwiBafana Bafana, kwenze waheha…