UThokozani ‘L’vovo Derrango’ Ndlovu (44) usebuyile futhi useyaqhashwa ukuze acule emicimbini eyehlukahlukene. Lomculi woduma lwengoma ethi bayangsukela, waphathwa yisifo sohlangotho emva kokucula kweminye imincimbi ngoDisemba ka 2022.
Wabuyela kancane ekuculeni umculo kodwa wayihoxisa i-gig yakhe ye-Cotton Fest ngonyaka odlule lapho ezizwa engasenamandla anele okucula, kodwa manje usebuyele esiteji uyacula. NgoJanuwari, ubonakale okokuqala ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi kanti useke wamenywa emakhonsathini ambalwa okuhlanganisa nekhonsathi esanda kwenzeka eMlazi, KwaZulu-Natal. Yize ebezabalaza ngokukhuma kanye nokuhamba, izethameli zawuthokozela kakhulu umculo wakhe.
UL’vovo utshele abezindaba ​​ukuthi uthatha izinto kancane kancane. “Ngiyalulama usuku olulodwa ngesikhathi,” esho. “Ngiyakwazi ukuhamba, kuke kwaba nesikhathi lapho ngangingakwazi nhlobo ukuhamba.” UL’vovo wengeze ngokuthi indlela aphila ngayo isishintshile futhi udla kahle. “Ngiqaphela engikudlayo, lapho engiya khona, ngiyaphumula futhi ngiyazinakekela. Bengithola uxhaso olukhulu kubangani bami kusukela ngosuku lokuqala ngigula kuze kube manje.” UT’zozo uthe uL’vovo ufana nomfowabo kuye. “Sisuka kude naye angeke ngamlahla nanini.”