Umnyango usudonse ngendlebe abafundi ukuthi bagweme ukuhlela amaphathi “okugeza amapeni”, othi ajwayele ukuhambisana nemikhuba ehambisana nokuphuza ngokweqile, ukucekela phansi impahla kanye nokulimaza imifaniswano yesikole.
Okhulumela lo Mnyango uMuzi Mahlambi uthi abazali bangasiza ngokunxusa izingane zabo ukuthi zigweme izinto eziyingozi.
“Sesijwayele ukubona amaphathi azobe efika nabashonile, siyabagqugquzela ukuthi bangadabuki noma babhale emifaniswaneni yabo kodwa bawapakishe babuye nawo esikoleni uma befika ngomhlaka-14 kuMasingana bezolanda imiphumela.
“Leyo mifaniswano inganikelwa kubafundi abaswele,” kusho uMahlambi.
Abafundi beSayensi bazobhala iphepha labo lokugcina ngoMsombuluko.