Amarekhodi asebhange nawezingcingo asesetshenziswe njengobufakazi enkantolo akhombisa ukuthi umrepha owabulawa uKiernan “AKA” Forbes walandelwa esikhumulweni sezindiza ngosuku abulawa ngalo.
U-AKA wadutshulwa wabulawa ngoFebhuwari nyakenye nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane emgwaqeni ophithizelayo waseThekwini, uFlorida.
Umsolwa ongunombolo 4 odabeni uMuziwethemba Gwabeni kuthiwa walandela lo mculi wodumo kusukela ngesikhathi indiza yakhe ifika.
UGwabeni kusolwa ukuthi nguyena ungqondongqondo owahlela yonke into ngokubulawa kuka-AKA. Uphinde asolwe ngokuba wumkhombi ngalolu suku.
NgoLwesihlanu, ngesikhathi kuqhubeka izinkulumo mpikiswano zokufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, umshushisi woMbuso u-Advocate Lawrence Gcaba utshele inkantolo ukuthi amakhadi kaGwabeni akhombisa inkokhelo eyayenziwa endaweni yokupaka izimoto.
“Ngesikhathi umufi usuka esikhumulweni sezindiza, uGwabeni wakhokhela indawo ayepake kuyo esikhumulweni sezindiza esebenzisa ikhadi lasebhange.”
Wengeze ngokuthi iBMW empunga eyayisetshenziswa uGwabeni ibonakale kuma-CCTV ilandela imoto kaForbes.
“Imoto kamufi idlula kuleyo nombolo, kunezimoto ezimbili ngemuva kwakhe kanti eyesithathu ngemuva yiBMW efanayo nalena kaGwabeni. Idlulela eHilton Hotel eMhlanga – yona leyo BMW ikhona, inombolo yakho nayo yonke into kanye namarekhodi omakhalekhukhwini akhombisa ukuthi kwakunguye impela uGwabeni.”
Icala lihlehliselwe uMeyi 15 ukuze kukhishwe isinqumo sebheyili.