Iqembu i-Nkatha Freedom Party (IFP) libungaze usuku lwabasebenzi eNewcastle kwazulu-Natal. Umhlaba wonke ububungaza lolusuku lwabasebenzi.
Amalunga eNkatha angabasebenzi atshele iphini likamengameli iNkosi uMzamo Buthelezi ukuthi izimo abasebenza ngaphansi kwazo azigculisi futhi nemiholo ayikhuphuki kodwa ukudla nezinye izindingo zempilo zikhuphuka usuku ngosuku.
Kanti abanye bebekhala ngabantu bokufika abathatha imisebenzi yabantu bakuleli abakwaziyo ukuyenza njengokushayela ,ukudayisa ezitolo kanjalo neminye bathi uhulumeni akakhulumi into ecacile ngalezinkinga kodwa uvele ashwabule nje angezwakali uthini.
Iphini likamengameli we Nkatha inkosi Buthelezi utshele amalunga eNkatha kanjalo nabasebenzi ukuthi sekuphele iminyaka engamashumi amathathu kodwa asikho isixazululo namaqhinga okwakha amathuba emisebenzi kanjalo nokuthuthukisa izimboni ezikhona.
UShenge uthi mhla izinyunyana zayeka ukubona amathuba kwi Politiki kodwa zakhuluma, ngezinto ezithinta abasebenzi kanjalo nosikompilo lwabasebenzi izwe liyobuya.
” Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalento yabantu bokufika ngoba uhulumeni ubagugumbile ubathanda kakhulu ukudlula abantu base Ningizimu Afrikha, akafuni lutho ngabo.
Uma kukhulunywa indaba yabo uvele ashwabule nje aHhumuzele angazwkwali kodwa thina njenge qembu leNkatha kusomqulu wethu sikuvezile ukuthi uma umuntu wokufika engenalo ikhono esilidingayo cha phela akabuyele ekhaya ngoba izwe akalisizi ngalutho ” kusho uButhelezi
Kanti uButhelezi uphinde watshela amahambeli bomcimbi wezisebenzi ukuthi Igeja lilingene abalimi manje iyobanjwa esithele nawo sebelinde umshado omkhulu ngomhlaka 29 May laphu kulusuku lokhetho lukazwe lonke kanjalo nokhetho lwezifundazwe.
Ukhumbuze abalandeli be Nkatha ukuthi isifungo sabo ukuthola isifundazwe i-KwaZulu-Natal ukuze kuzobuya ithembe kubantu.
Kanti unobhala weqembu emaJuba uMntwana uNdabuko Zulu uthi ngeke basalala manje kuze kube kudlula ukhetho futhi lolukhetho lubaluleke kakhulu kubona njenge qembu ngoba luzobakhumbuza unyaka ka 1994 .