Iqembu lasesifundeni saSothukela okuyi Junior Eleven okuyilona omakhonya basoThukela Men’s Regional League selazi kahle kamhlophe ukuthi yiliphi iqembu elime endleleni yalo ebheke ku Motsepe League nokumele babhekane nalo kulempelasonto yango mhlaka 31…
KUJIKISWE ABANGU 20 BASEBANGLADESH ABEBEZAMA UKUNGENA KULELI NGOKUNGEMTHETHO
Iziphathimandla ezilawula imingcele zithi sezimise abantu baseBangladesh abangaphezu kwamashumi amabili ukuthi bangene kuleli ngokungemthetho. Laba bantu bokufika abangu-28 bafike e-OR Tambo International ngoMgqibelo ebusuku, befike ngendiza esuka eDubai. Okhulumela iBorder Management Authority,…
UBIZE UMHLANGANO OPHUTHUMAYO NABAMATEKISI UMKHUZI WAMAPHOYISA
. Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ubize umhlangano okhethekile nezinhlaka ezithintekayo kuqubuka uthuthuva kwabamatekisi eThekwini. Lokhu kuza ngemuva kokuvalwa kwemizila ebheke ePort Shepstone nemigwaqo emikhulu eThekwini ngabamatekisi abebedinwe begane unwabo ngoLwesine…
KWEDLULE ABABILI EMHLABENI IMOTO IPHAPHALAZA ISHAYISA IPUMP KAPHETHILOLI
Ingozi yemoto idlule nemiphefumulo yomshayeli waseThekwini kanye nomgibeli wakhe emgwaqeni uNorth Coast ngaseKrishna ngeSonto. Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo, umshayeli wemoto uhluleke ukuyilawula yabe isigingqika izikhathi eziningi ngaphambi kokuthi ihlale egaraji likaphethiloli. Okhulumela abezimo…
UHLABISA UTHI INKATHA ISIKULUNGELE UKUPHATHA ININGIZIMU AFRIKA
Umholi weNkatha Freedom Fighters (IFP) uVelenkosini Hlabisa uthi iqembu selikulungele ukubusa nokwakha kabusha iNingizimu Afrika. UHlabisa ubekhuluma namakhulu abalandeli embuthanweni wokugcina weqembu obuseMhlathuze Central Sports Complex eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto. Uveze…
UMTOLO UPHIKA IZINSOLO ZOKUTHI AMALUNGA E-ANC ASUSA IZINGQWEMBE ZOKHETHO ZE-DA EHOWICK.
I-DA KwaZulu-Natal isivulele uBheki Mtolo we-ANC icala lobugebengu emaphoyiseni aseHowick ngezinsolo zokususwa kwezingqwembe zayo zokhetho. Iqembu lithe kunesikhalo esivuliwe naku-IEC. Ithe inabo ubufakazi be-video kanye nombiko owazibonela ngawakhe oveza ngokusobala ukuthi i-ANC…
BABANJWE OQOTHSENI NEMALI ABABAMBE IMOTO YEMALI
kwaboshwa abasolwa ngemuva kwesigameko sokuphanga imali yemoto ngoMgqibelo ntambama ngaphandle kwenxanxathela yezitolo eMangaung. Okhulumela amaphoyisa aseFree State uCapt Loraine Earl uthe imoto yonogada ibanjwe yizigebengu ebezihamba ngeBMW. Amaphoyisa kanye nonogada abazimele baphendule…
KUBOSHWE ABAKWAGUPTA ABABILI E-INDIA
UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola ukuqinisekisile ukuboshwa kwamalungu amabili omndeni wakwaGupta eNdiya. Uthe uhulumeni uxhumene nokhomishana omkhulu waseNew Delhi ukuthola omazisi babasolwa. Nokho uLamola ukubeke kwacaca ukuthi laba ababoshiwe akuyena u-Atul no-Ajay Gupta…
UMALEMA UMEMEZELE UMARSHALL DLAMINI NJENGOZONGENELA ESOBUNDUNANKULU KWAZULU NATAL
Umholi we-EFF uJulius Malema usedalule uNobhala-Jikelele weqembu, uMarshall Dlamini, njengozongenela ukhetho lokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal. Uphinde wagcizelela izinhlelo zokuqoka isekela lakhe, uFloyd Shivambu, njengongqongqoshe wezeziMali uma kwenzeka i-EFF ithola amandla ngemuva kokhetho lukazwelonke…
ZIZOVALWA IVIKI LONKE IZIKOLE EZIZOSETHSENZISELWA UKUVOTA
UMnyango wezeMfundo eKZN uthi welulekwe ukuthi izikole ezisetshenziswa njengezikhungo zokuvota okhethweni lukazwelonke zimise ukufundisa isonto lonke. Umnyango uthi ezinye zalezi zikole zizonikezwa i-IEC ngoMsombuluko, okusho ukuthi kuzomiswa ukufunda. Okhulumela umnyango uMnuz Muzi…
IZAGUGA ZITHI AKUBUYISWE IZINDAWO ZOKUHOLA EMAKHAYA
Umeya kamaspala I Alfred Duma uMnuz Zama Sibisi ubenesidlo sase mini nezaguga zase Matiwane. Kuze kwaba nomunyu ngenkathi lezi zaguga zitshela umeya kamaspala ngosizi ezibhekana nalo uma ziyohola isibonelelo sikahulumeni edolobheni eMnambithi….
BATUSA IMPATHO YOMSEBENZI WASESITOLO EMNAMBITHI
Awawuvali umlomo amakhasimende esitolo sakwaClicks eMnambithi ngempatho abayithola kuSmangaliso Thabede osebenza kulesitolo. Elinye lamakhasumende libhale ekhasini lalo laku Facebook licela abantu basize bazise umphathi wesitolo ngesenzo esihle sikaSmangaliso sokuphatha kahle amakhasimende, wangagcina…