Umeya kamaspala I Alfred Duma uMnuz Zama Sibisi ubenesidlo sase mini nezaguga zase Matiwane.
Kuze kwaba nomunyu ngenkathi lezi zaguga zitshela umeya kamaspala ngosizi ezibhekana nalo uma ziyohola isibonelelo sikahulumeni edolobheni eMnambithi.
Izaguga zithi kuba nzima alukho uhlelo lokuthi zihlale phansi uma zizohola emabhange futhi nezimpahla zabo ziyalahleka emakhumbini uma sebebuya ukuyoholo.
Omunye wezinduna zase Matiwane umaVilakazi Mbhatha uthe “Meya singabantu abadala sicela kube nohlelo oluqondile lokuhola siyalahlekelwa izimpahla zethu. Futhi sima olayini abade emabhanga silinde ukuhola kanti sinezifo ezahlukeni. Sicela ukuthi uma kuyimiholo umaspala uzame ukuzosibheka emabhange babone ukuthi sisizakala ngani.” Kusho uMavilakazi.
Kanti uMeya uhluleke nokukhuluma ngenkathi sekumele ekhulume nezaguga. Uzwakale ephefumulela phezulu ehlengezela izinyembezi ezwa abantu abadala bebalisa kuye ngohulumeni.
UMahlase uthe izaguga yizona eziyozikhulula ngolwasithathu ngesoto elizayo uma sebeyovota. Ngoba isixazululo siyovele kubo ngokuvotela I Nkatha.
Kanti okunye okuvele kulesindlo sikameya uthi izaguga zifisa umtholampilo waseMatiwane uvulwe ubusuku nemini ingavalwa ngezikhathi ezithile ngoba mabegula ebusuku abasizakali.
Bathi lena eyomgwaqo abafuni ukuyikhuluma ngoba wathulwa eminyakeni eyishumi eyandlula kodwa lutho namanje ukuqedwa.